UNYELWE inyoni esandleni owesilisa (38) ohlala Ekurhuleni, ngokuwina uR63 million kwiLotto yangoDecemba 4.
Ngokusho kwabeNational Lottery Ithuba, ithikithi eliwinise lendoda lalikhokhelwe emahoreni ambalwa ngaphambi kokuba kukhishwe izinombolo ezawina emzuliswaneni wangalelo langa.
AbeThuba bathe lo mlisa udlale ngokuthenga ithikithi likaR100 kanti yayifake izinombolo zayo ngohlelo lwequick-pick.
“Emva kokuthi acishe wadukelwe unomphelo ithikithi lakhe, wakhetha ukuthi alibeke ekhabetheni ukuze liphephe,” kusho abeThuba.
Kuthiwa owinile usebenzela inkampani yama-gesi kanti itshele abeThuba ukuthi iLotto isiyidlale kusukela ngo-2013.
“Bengijwayele ukudlala ngenhlanganisela yezinombolo engizikhethele mina, okukhona kuzo izinombolo zezinsuku zokuzalwa zamalungu omndeni kanjalo neminyaka yezingane zami,” kusho owinile.
Unkosikazi wakhe abahlangane naye kwi-internet uthe: “Namuhla usuku lwethu. Ekugcineni selufikile lolu suku. Asikwazi nokuzibamba yinjabulo ngoba lezi zindaba zokuthi siwinile azikholakali.”
Laba bashadikazi bese beshade iminyaka eyisikhombisa. Kanti bathi namanje basazama ukwetshisa lezi zindaba zokuthi sebengosozigidi.
“Iminyaka eminingi besilokhu sihlala namalungu omndeni wethu amaningi kwaze kwaba sithatha isinqumo sokuthi siphume siyoqasha komunye umuzi okhona endaweni. Njengoba sesiwinile, sesinethuba lokuthi sizithengele owethu umuzi,” kusho indoda ewinile.
“NgeSonto ekuseni bengizihlalele ekhaya, umkami esemsebenzini, ngibe sengibheka izinombolo zeLotto. Ngesikhathi zivela, angizange ngikukholwe okubonwe amehlo ami,” kusho owinile.
“Ngafonela umkami ngaso leso sikhathi, naye ongazange ayingene indaba yami ngoba wayengakholwa ukuthi ngiwinile, wayezitshela ukuthi ngiyadlala.”
Laba bashadikazi sebewatshelile amanye amalungu omndeni lezi zindaba.
Umlisa owinile uthe phakathi kwezinye zezinto abahlela ukuzenza ukuzikhipha bayoshaywa umoya. Uthe usazocabangisisa kahle ukuthi uzoqhubeka yini nokusebenza noma cha.
“Ngiphinde nganikwa nezeluleko zokuthi imali iphathwa kanjani. Ngaphinde ngakhonjiswa neminye imigudu yokugcina imali,” kusho indoda ewinile.