Izindaba

Ugwetshwe kanzima owabulala intombi wayiqoba

Simphiwe Ngubane|Published

U-ALUTHA Pasile ugwetshwe kanzima inkantolo eNkulu e-East London ngecala lokubulala ngesihluku intombi yakhe eyayiyisitshudeni, uNosicelo Mtebeni Isithombe: BHEKI RADEBE

UGWETSHWE iminyaka engu-25 ebhadla ejele u-Alutha Pasila owabulala intombi yakhe uNosicelo Mtebeni (23) amqoba waba izicucu isidumbu sakhe wasigxisha kwi-suitcase wayosibeka emgwaqweni.

UPasile ubhanselwe ngeminyaka engu-10 ngecala lokuzama ukuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.

UNosicelo wayeyisitshudeni enza unyaka wesine weziqu zobumeli eNyuvesi iFort Hare.

Ijaji uThani Bheshe wenkantolo eNkulu e-East London lithe uPasile uzozidonsa kanyekanye izigwebo zakhe.

UPasile walivuma icala lokubulala nelokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho wathi wabulala uNosicelo ngoba emsola ngokumjolela. NgoMsombuluko uPasile ulahlwe amacala abethweswe wona.

Watshela inkantolo ukuthi wafunda kwi-internet izindlela zokuthi angasithukusa kanjani isidumbu sikamufi.

Yashaqisa izwe lonke indlela enesihluku nonya okwabulawa ngayo uNosicelo obekulindeleke ukuthi athweswe imiyezane ngonyaka ozayo.

INational Presuting Authority e-Eastern Cape ithe yenelisekile ngesigwebo esinikwe uPasile okuyinto abebeyifuna.

Bathi isigwebo sizothumela umyalezo nakwabanye abantu abebekade besacabanga ukuhlukumeza abantu besifazane nezingane.