Izindaba

UZuma uzokhipha incwadi kule nyanga

Mcebo Mpungose|Published

UMNUZ Jacob Zuma okuzophuma incwadi yakhe kule nyanga.

ABALANDELI balowo owayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, sebeyilindele ngabomvu incwadi yakhe ezophuma ungakasongwa lo nyaka.

NgoLwesine inhlangano yakhe, iJG Zuma Foundation, imemezele ezinkundleni zokuxhumana ukuthi incwadi esihloko sithi ’The Words of a President: Jacob Zuma Speaks’ isizophuma.

Sekunesikhathi abakuleli belindele incwadi kaZuma, okungakacaci ukuthi izobe ithinta impilo yakhe, noma izinto azenzile kuhulumeni ngesikhathi ewumengameli nakwezepolitiki, noma kokubili.

“Incwadi osekunesikhathi ilindiwe izophuma ngesonto lesibili noma lesithathu kuDisemba 2021... Eminye iminingwane ngayo izodalulwa ngokuhamba kwesikhathi,” kusho inhlangano yakhe.

UZuma sekunesikhathi eminyakeni edlule ethembisa ukuthi usazogeqa amagula ngezithinta ezombusazwe kuleli nokuthi kungani ’ehlaselwa’ njengoba sekuneminyaka egqigqa izinkantolo.

Izolo nje uMvikeli woMphakathi, u-Adv Busisiwe Mkhwebane uveze ukuthi oKlebe ne-Asset Forfeiture Unit (AFU) baphenya inkampani eyanikela izinkomo ezingabiza R1.5 million kuZuma, i-Agridelight.

Lokhu kulandela isikhalazo sango-2018 sikaMnuz Godrich Gardee, owayengunobhala jikelele we-EFF ngaleso sikhathi, kuMvikeli woMphakathi ethi lezi zinkomo kwakufanele zinikezwe abanikazi bamapulazi abasafufusa.

UGardee wazwakalisa lesi sikhalo ngemuva kombiko weSunday Times owawusola ukuthi lezi zinkomo zazivela kowayenguNdunankulu waseNorth West, uMnuz Supra Mahumapelo.

Kusalindwe nesinqumo senkantolo eNkulu eGauteng ngokukhishwa kwakhe ejele ngoshwele wokugula ngo-Okthoba njengoba kunezinhlangano ezisiphonsele inselelo leso sinqumo.

Icala lakhe lenkohlakalo nenkampani yaseFrance, elithinta ithenda yezikhali, nalo lisaqhubeka enkantolo eNkulu eMgungundlovu.