Transport Minister Fikile Mbalula. Picture from his Social Media
AYIVUMI ukuphela impi phakathi kwelungu le-ANC ePhalamende, uMnuz Fikile Mbalula, nowayengumsebenzi we-ANC eLuthuli House, uCarl Neihaus.
Kulokhu indaba isuswe ukuphawula kukaNeihaus ngemiphumela yokhetho lohulumeni basekhaya, lapho athe wayexwayisa i-ANC ukuthi kuzophela ngezinyembezi ukuqasha kwayo uMbalula njengenhloko yezokukhankasela ukhetho. I-ANC ilahlekelwe omasipala abakhulu eGauteng, nabanye ababalulekile eKZN, njengoba yehlelwe yisibalo sabayivotelile kulolu khetho.
Ephendula umbono kaNeihaus kwiTwitter, uMbalula uvele wazifaka zonke enyameni emfanisa noRosemary Ndlovu osanda kulahlwa amacala okusoconga amalungu omndeni wakhe ukuze ahlomule ngemali yomshwalense/kamasingcwabisane.
“Ngaphambi kukaRosemary Ndlovu kwakunoCarl Neighous (usibhale kanje isibongo sakhe). Engingamncoma ngakho yena ukuthi wayebulala izihlobo zakhe ngokomqondo wakhe ozigijimelayo. Namanje ingqondo yakhe isazigijimela, isize yamshiya ngemuva,” kusho uMbalula.
Ubhale kanjena nje ubekhumbuza abantu ukuthi uNeihaus ngo-2017 uke wazama ukuthola izimali zomshwalense ezibalelwa kuR4.3 million etshela abomshwalense ukuthi unina, owayeneminyaka engu-88 ngaleso sikhathi useshonile. Ngeshwa abakwaSanlam bamchitha bemtshela ukuthi unina akanayo ipolicy nabo, udaba lwadlulisela kubaphenyi, kwatholwa nokuthi empeleni usadla anhlamvana.
UMbalula uqhube wafaka isithombe sikaNeihaus wabhala wathi: “aniboyiqaphela imigodoyi”
NgoSepthemba nonyaka i-ANC inqume ukumkhomba indlela uNeihaus kulandela isikhathi eside engqubuzana nobuholi bale nhlangano obukhethwe ngo-2017.