Izindaba

Ziya enkantolo izinhlangano ngomgomo wezingane

Phili Mjoli and Zelda Venter|Published

I-ACDP nezinye izinhlangano zithi ngesonto elizayo ziya enkantolo eNkulu ePitoli, ziyofaka isicelo sokuthi kumiswe ukugonywa kwezingane ezineminyaka ephakathi kuka- 12 no-17 eziqale ukugonywa kuleli ngenyanga edlule, ngomgomo iPfizer. Isithombe: JEAN-CHRISTOPHE BOTT

NGESIKHATHI i-United States ilungiselela ukuthi izingane ezineminyaka emihlanu kuya kwengu-11 ziqale ukugomela iCovid-19, kuleli izinhlangano ezikhathazekile ngokugonywa kwezingane, zisabisa ngokuya enkantolo ngoba zifuna kumiswe lolu hlelo.

I-ACDP nezinye izinhlangano zithi ngesonto elizayo ziya enkantolo eNkulu ePitoli, ziyofaka isicelo sokuthi kumiswe ukugonywa kwezingane ezineminyaka ephakathi kuka- 12 no-17 eziqale ukugonywa kuleli ngenyanga edlule, ngomgomo iPfizer.

Ezinye izinhlangano ezizofaka isicelo ngokuhlanganyela ne-ACDP, iFree the Children – Save the Nation neCovid Care Alliance. Lezi zinhlangano zithi zike zafaka isicelo esifanayo esikhungweni esibhekelele ukugunyazwa kwemithi kuleli, iSA Health Products Regulatory Authority (Sahpra), esikaphendulwa kuze kube yimanje yingakho sezihlanganyela ne-ACDP, esicelweni esizofakwa enkantolo.

UMnuz Bongani Khanyile-Luthuli, uthe ngo-Okthoba -19 babhalele uMnyango wezeMpilo neSAPHRA, benxusa ukuthi kumiswe ukugonywa kwezingane.

" Asikaze siyithole impendulo kuze kube yimanje, akukho okunye esingakwenza njengoba bengaphenduli, sibona kungcono ukuthi siye enkantolo," kusho uKhanyile-Luthuli.

Le nhlangano ithi ukugunyazwa kokugoma kwezingane kwenziwe ngaphandle kokubheka ukuthi yini ezilungele kodwa zisetshenziswe njengehawu lokuvikela abantu abadala.

Ithi ukugonywa kwazo kwenzelwa ukuze kuvikelwe abantu abadala ekutheni zingabatheleli ngaleli gciwane. Iqhube yathi umnyango neSAHPRA kwakumele uphendule ngo-Okthoba 21 .

Isho kanjena nje i-ACDP, izwe lase-USA lisisesigabeni sokugcina sokugunyaza ukugoma kwezingane ezineminyaka ephakathi kwemihlanu newu-11 ngawo lo mgomo.

Ngenyanga edlule iFree the Children – Save the Nation, yabhalela iSAHPRA, ithi ayiyilandelanga imigomo efanele ngesikhathi igunyaza ukugoywa kwezingane.

Lezi zinhlangano zithi abukho ubufakazi besayensi obuchazayo ukuthi uma izingane zigonywa ngalo mgomo wabantu abadala, ngeke zigule okwamanje kepha usugunyaziwe ukuthi zigonywe ngawo.

ISAHPRA ngesikhathi igunyaza umgomo yathi izingane zizogoma ngomjovo owodwa ngoba ulwazi mayelana nomgomo luveza ukuthi izingane ezikule minyaka kuyenzeka zibe nenkinga yokushaya kancane kwehliziyo uma sezigoma owesibili.

Lokhu yathi kuvezwe ucwaningo oluqhubekayo olwenziwa ngabakhiqizi balo mgomo.