UNOBHALA Jikelele we-ANC omisiwe uMnuz Ace Magashule ubhekene namacala enkohlakalo, ukukwabanisa amayelana nethenda kaR255 million yokulungiswa kophahla kwezindlu ezifulelwe ngetsheboya eFree State Isithombe: Simphiwe Mbokazi/African News Agency/ANA
UFAKAZI okuthiwa uqand’ikhanda ecaleni lenkohlakalo yethenda kaR255 million yokulungiswa kophahla lwezindlu ezifulelwe ngetsheboya (asbestos) eFree State, elibhekene noNobhala Jikelele we-ANC osamisiwe uMnuz Ace Magashule nabanye, usephenduke umsolwa.
Phambilini kwavela izinsolo zokuthi owayengumsizi kaMagashule, uNksz Moroadi Cholota, ubengomunye wofakazi bombuso kuleli cala elibhekene noMagashule kanye nowayengungqongqoshe uMnuz Olly Mlamleli, owayeyinhloko yoMnyango wokuHlaliswa KwaBantu eFree state uMnuz Nthimotse Mokhesi, nosomabhizinisi uMnuz Edwin Sodi nabanye abasolwa.
Bonke bavele eNkantolo eNkulu eFree State izolo, babhekene namacala okukwabanisa, inkohlakalo, ukweba namanye amayelana nethenda okuthiwa yakhishwa ngesikhathi uMagashule esengundunankulu eFree State.
Phambilini uMagashule wafaka amaphepha enkantolo efuna ukwazi ukuthi ngabe uNksz Cholota ungufakazi wenkantolo yini. Wakhala ngokuthi kunzima ukuthi yena nabammeli bakhe balungiselele ukuqhulwa kwecala ngaphandle kokuthola yonke imininingwane eqondene necala abhekene nalo.
Izolo uMshushisi u-Advocate John de Nysschen, ukuqinisekisile ukuthi abaphenyi bakuleli kade behambele e-USA, ukuyothatha isitatimede sikaNksz Cholota kodwa wenqaba ukusiza amaphoyisa.
Utshele amaphoyisa akuleli ukuthi akasathandi ukusiza kulolu daba nokuba ngufakazi. UNysschen uthe uNksz Chelota manje usephenduke umsolwa kuleli cala. Uthe incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe isilungile kumanje baphezu kwamalungiselelo okuthi abuyiselwe kuleli, ukuze igama lakhe lingene ohlwini labasolwa, wathi inkantolo izonika abombuso isikhathi sokwenza lokhu.
Kuthiwa izinkampani ezimbili ezazinikwe ithenda yokulungiswa izindlu ezifulelwe ngetsheboya ngo-2014, enye yazo izinze eGoli, iBlackhead Consulting, kusolwa ukuthi zaqasha ezinye izinkampani ezimbili ukwenza lo msebenzi.
Kuthiwa umsebenzi wagcina wenziwe ngoR21 million enye imali yehliswa ngemilenze ngabasolwa, yize kwachithwa eningi imali ngalo msebenzi kodwa umsebenzi wokukhishwa kwetsheboya awuzange wenziwe, ngokusho kobufakazi obethulwe kwikhomishini kaZondo.
UMagashule ungaphandle ngebheyili kaR200 000 ngemva kokuboshwa kwakhe.