Izindaba

Ulwenze lwasicoba ukhetho uRamaphosa: Malema

Mcebo Mpungose|Published

UMENGAMELI we-EFF uMnuz Julius Malema ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngoLwesine Isithombe: Twitter/EFF

UMHOLI we-EFF ugadle ephindelela kumengameli we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa, ngokwenza ’lubhore’ ukhetho lohulumeni basekhaya nokuyinto athi ibe nomthelela kwisibalo esincane sabantu abavotile.

UMalema uveze lokho ekhuluma nabezindaba njengoba isicacile imiphumela yokhetho kanti kunesikhalo sokuthi abantu abaningi abavotanga.

NgoMsombuluko i-Independent Electoral Commission (IEC) imemezele ukuthi wu-33% kuphela wabantu abebebhalisele ukuvota, ovotile. Lokho kusho ukuthi bangaphansi kuka-9 million abantu abavotile eNingizimu Afrika kulolu khetho.

Ephawula ngesibalo esincane sabavotile, uMalema uthe ngenxa yesimo izwe elingaphansi kwaso (Covid-19), bebekulindele ukuthi babe bancane abazophuma beyovota. Ukungacaci ukuthi ukhetho luzobanjwa noma luzohlehliswa nakho kube nomthelela kodwa okunye okwenze abantu bazihlalela emakhaya ’ukucotshwa wuRamaphosa’.

“Abantu bebezicobekele. Okwenze isimo sasibi kakhulu ukubhekana nomuntu ohlale ebukeka ekhathale. Bayazi ababuka umdlalo wesibhakela ukuthi kumele kube khona izinkunzi ezimbili ezilwayo, uma kukhona oyedwa ongalwi, umdlalo uyacoba. Le ndoda ayiyifaki intshisekelo, kuyacoba ukulwa nayo. Kuvele kube sengathi uhlasela umuntu omsulwa, uzisole. UMenganeli (Ramaphosa) akayenzi ibe mnandi ipolitiki yakukeli, uyenza icobe futhi ubulale lonke ugqozi ngesikhathi sokhetho,” kusho uMalema.

UMalema uthe akulona iqiniso ukuthi abantu ’bebevota’ ngokuhlala emakubo.