Izindaba

I-IFP yiqembu lesifunda: Malema

Mcebo Mpungose|Published

UMENGAMELI we-EFF uMnuz Julius Malema. Isithombe: Leon Lestrade. African News Agency/ANA.

UMENGAMELI we-EFF uMnuz Julius Malema uthi ujabule ngemiphumela abayitholile okhethweni lohulumeni basekhaya, nakuba benganqobanga nowodwa umasipala.

UMalema, uveze lokhu ekhuluma nabezindaba ngoLwesine emini ephelezelwa wubuholi be-EFF.

I-EFF ikhombise ukukhula ngokwesibalo samavoti ewazuzile uma kuqhathaniswa nonyaka u-2016, nokuyinto uMalema abegiya ngayo kakhulu ekhuluma nabezindaba.

UMalema uthe i-ANC bazoyikhipha kancane kancane embusweni wakuleli.

“Sijabule kakhulu ngomphumela otholwe yi-EFF ngoba ngisho amanye amaqembu amakhulu ehlelwa yivoti, ele-EFF limile, iyakhula, futhi isifinyelela ezindaweni engakaze ifinyelele kuzo phambilini. Ngaphambi kokuthi nisiqhathanise nabanye, siqhathaniseni namaqembu afinyelela ezweni lonke. Mathathu kuphela lawo maqembu: I-ANC, DA ne-EFF.

“I-IFP igxile KwaZulu-Natal. Siyazi futhi ukuthi yasungulwa ingelona iqembu lezepolitiki kodwa yayiyinhlangano egxile esizweni samaZulu, abakadluli kulokho ababekwenza ngesikhathi besungulwa,” kusho uMalema.

Uthe uma beqhathaniswa ne-DA ne-ANC yibona kuphela abakhulayo kodwa bazimisele ukubambisana nalawa maqembu komasipala kodwa into ezohamba phambili ukusebenzela abantu. Uthe kumele amaqembu ezepolitiki onke asayine isivumelwano sokuthi eminyakeni emihlanu ezayo kumele kuqinisekiswe ukuthi wonke umuzi wakuleli unethoyilethi elihambisa indle ngamanzi.

Uthe izivumelwano zabo namanye amaqembu ngeke kube ezezikhundla kodwa bafuna amaqembu azothembisa ukusebenzela abantu.

UMalema udlulise ukubonga kubasebenzi be-EFF, amavolontiya nabalandeli bayo ngokuzinikela ngesikhathi sokhetho.

“Abantu baseNingizimu Afrika sebevotile, futhi kumele siyihloniphe indlela abavote ngayo. Kumele siyamukele le miphumela, sishayele abantu bakuleli ihlombe ngokhetho olube nokuthula futhi oluyisibonelo esihle emazweni ase-Afrika. Sijabule ngemiphumela,” kusho uMalema.

Izolo ekhuluma nabezindaba okhulumela i-IFP uMnuz Mkhuleko Hlengwa ukuchithile ukuthi iqembu labo liyinhlangano egxile esifundeni esisodwa.