ANC’s head of elections Fikile Mbalula. Picture: @MYANC/Twitter
INHLOKO yezokhetho kwi-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, ithi bajabule ngezibalo zamavoti aseqoqwe yi-ANC njengoba kusaqhubeka ukubalwa kwawo ezindaweni ezihlukene kuleli. Ekhuluma nabezindaba izolo uMbalula uthe kubethusile ukubona ukuthi izinto zibahambela kahle kanjani nakuba kuphume isibalo esincane sabantu beyovota ngoMsombuluko.
“Sibuka imiphumela yokhetho ngokuhambisana nokuthi sincane isibalo sabantu abaphumile bayovota. Besikhathazekile ngokuthi kuzosithikameza kangakanani ukuba nesibalo esincane sabavoti. Kusho lukhulu kithi ukuthi abantu basakholwa ekutheni i-ANC iyona esangabalethela izidingo zabo, abanye bancamele ukuhlala bengavoti kunokuthi banikeze amanye amaqembu ivoti labo. Lokho kusho ukuthi basasethemba,” kusho uMbalula.
UMgcinimafa we-ANC uMnuz Paul Mashatile izolo uthe isigungu esiphezulu se-ANC sizohlangana namhlanje ntambama sikhulume ngokubambisana namanye amaqembu ezepolitiki ukuphatha omasipala.
“Besingafuni ukukhuluma ngokuphatha ngokubambisana sisakhankasela amavoti ngoba ngeke wazi ukuthi imiphumela izoma kanjani. Uma sesicace kahle isithombe (ngemiphumela), sizohlaziya sibone ukuthi yimaphi amaqembu esingasebenzisana nawo,” kusho uMashatile.
Ngokwezibalo zamavoti asebaliwe, sehlile isibalo sabantu abavotela i-ANC uma kuqhathaniswa no-2016, kanti abahlaziyi abaningi bathi abayiboni izuza amavoti angaphezulu kuka-50% kuzwelonke.
Khonamanjalo, iDA izolo iphumele obala yathi ayizimisele ukusebenzisana ne-EFF komasipala. I-EFF ngakolunye uhlangothi nayo ithe ofuna ukusebenzisana nayo akafunde imanifesto yayo.
I-IEC izomemezela imiphumela yokhetho kusasa.