UMUNWE uwubhekise kwi-Eskom usihlalo we-ANC kuzwelonke, uMnuz Gwede Mantashe ngokuphazamiseka komgqigqo we-ANC ngesikhathi ikhankasela amavoti ngaphambi kokhetho ngoMsombuluko Isithombe: Werner Beukes/SAPA
UMUNWE uwubhekise kwi-Eskom usihlalo we-ANC kuzwelonke, uMnuz Gwede Mantashe, ngokuthikamezeka komgqigqo we-ANC ngesikhathi ikhankasela amavoti ngaphambi kokhetho ngoMsombuluko.
UMantashe udalule lokhu izolo ebusuku engxoxweni neNewzroom Afrika, esikhungweni se-IEC lapho bekumenyezelwa imiphumela yokuvota. I-ANC ibukeka izoqoqa amavoti angaphansi kuka-50% uma sekuphothuliwe ukubalwa kwamavoti kuzwelonke kanti abaholi bayo sebeqalile ukubheka izizathu zokwehla kwevoti likaKhongolose.
“Kunento engayisho ngaxwayiswa ngesikhathi ngiyiveza ukuthi enye into ’ezosiphikisa’ kulolu khetho yi-Eskom, ngoba ukuziphatha kwabo ngesikhathi sokhetho kwasibuyisela emuva. Kucinywa ugesi ngesikhathi sokhetho, kwacinywa ugesi kubhalwa izivivinyo zika-matric. Yinto engachazeki ngakho sidinga ukusebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi i-Eskom isebenza ngendlela efanele,” kusho uMantashe.
Uthe ngeke akubalekele kuthi uwuNgqongqoshe wezokuMbiwa phansi naMandla, nokuthi wumnyango wakhe olungisa lolu daba kodwa inkinga ababhekene nayo ukuqinisekisa ukuthi i-Eskom iyakwazi ukukhiqiza ugesi ezingeni elifanele nsuku zonke, indlela abaxazulula ngayo izinkinga zikagesi kuleli kodwa zisazothatha isikhathi.
Uthe imbangela enkulu yezinkinga zokuphehlwa kukagesi kuleli ukuthi sinyukile isibalo sabantu abathola ugesi kuleli uma uqhathanisa nango-1994.
“Ngo-1994 u-39% wabantu bakuleli ababethola ugesi, namhlanje u-87% unogesi. Into ebambezelayo ukwakhiwa kwengqalasizinda ezokwazi ukumelana nalokhu.”
Ebuzwa ngendlela i-IEC ephathe ngayo ukhetho lohulumeni basekhaya, uMantashe uyishayele ihlombe wathi umsebenzi wayo kumele unconywe ngoba ibibhekene nezingqinamba eziningi.