Izindaba

I-EFF izimisele ukuxoxisana ne-ANC nabanye komasipala

Mcebo Mpungose|Published

IPHINI likaMengameli we-EFF, uMnuz Floyd Shivambu. Isithombe: Twitter/EFF

IPHINI likaMengameli we-EFF, uMnuz Floyd Shivambu, lithi bavule izandla kuwo wonke amaqembu ezombusazwe azimisele ukukhuluma nabo ngokuphatha omasipala ngokubambisana.

Ekhuluma neNewzRoom Afrika ngoLwesithathu ntambama, uShivambu uthe kunezinto okumele amaqembu aziqonde ngaphambi kokuxoxisana ne-EFF kodwa izimisele ukuhlangana nawo babone ukuthi bayazwana yini.

UShivambu uthi ukusebenzisana kwabo ne-ANC, uma kuzokwenzeka, ngeke kusho ukuthi sebezoyivusa “ekufeni” kodwa bahlose ukuyiqapha ngelokhozi ngoba iziphilisa ngakho ukuba kuhulumeni.

“Uma i-ANC iphethe umasipala, iyeba, yakhe imisebenzi engekho, izame ukuthenga abantu ngezinhlelo zomphakathi, lokho kuyinikeza amandla. Ngakho ke sizokhuluma nawo wonke umuntu. Sizimisele ukuxoxisana nawo wonke amaqembu ezombusazwe; i-ANC, Democratic Alliance, ActionSA, abeze bezokhuluma nathi ngokubambisana sizobalalela sibone ukuthi siyazwana. Uma singezwani ayikho inkinga, ngeke sibe yingxenye yalowo masipala ngoba asifuni ukuba yingxenye yomasipala abangeke basebenze,” usho kanje.

Ebuzwa ngokunganqobi nowodwa umasipala, uthe abakhathazekile ngalokho kakhulu ngoba isibalo samavoti abawatholayo sizonyuka uma siqhathaniswa nesika-2016.