UMHOLI we-UDM uMnuz Bantu Holomisa uthi akulindwe ukuthi kuphothukwe ukubalwa kwamavoti ngoLwesine ngaphambi kokuthi bazitshele ukuthi kuphelile ngeqembu lakhe. Isithombe esigiciniwe: Werner Beukes/SAPA
UMHOLI we-UDM, uMnuz Bantu Holomisa, uthi akulindwe ukuthi kuphothukwe ukubalwa kwamavoti ngoLwesine ngaphambi kokuthi kuthiwe ukuthi kuphelile ngeqembu lakhe.
“I-UDM isahleli. Ngiyakhumbula ngo-1999, abezindaba base beqalile bebhala incwadi yesikhumbuzo ye-UDM kodwa sanithusa. Into engingayisho nje wukuthi yithi esaqala umkhankaso wokulwa nenkohlakalo kuleli, ngelinye ilanga bayosibonga abantu ngalokho.
Ukuba phansi kwesibalo sabantu abaphumile bayovota ngikubona kuwumyalezo ovela kubantu bakuleli othi: sikhathele ubuholi obukhona. Abantu balangazelela ubuholi obusha obuzophatha izwe. Lowo wumsebenzi osimele sonke ngoba i-ANC isihlulekile nalabo ebibambisene nabo,” kuchaza uHolomisa.
UHolomisa uphawula kanjena nje iqembu lakhe libukeka lingenzi kahle ngokwezibalo ezisangenile zokhetho lohumeni basekhaya kodwa utshele izintatheli ukuthi asabalwa amavoti akukapheli. Kushaye u-6 ntambama i-UDM ino-0.56% wamavoti kuzwelonke. Iqoqe amavoti amaningi ezindaweni ezise-Eastern Cape.
Ngaphandle kwalokho uHolomisa uthe kusazomele bubukwe kabusha ubudlelwane be-ANC ne-IEC ngenxa yezingqinamba ezibekhona kulolu khetho.