ILUNGU le-IFP ePhalamende uMnuz Narend Singh ogxeke isibalo esiphansi sabavotile ngoMsombuluko. Isithombe esigciniwe: Tamaryn African / ANA
USETSWEBHU we-IFP ePhalamende uMnuz Narend Singh uthi siyaphoxa isibalo sabantu abakhethe ukungavoti okhethweni lohulumeni basekhaya ngoMsombuluko.
USingh uveze lokhu ngoLwesibili ekuseni ekhuluma esikhungweni se-Independent Electoral Commission (IEC) okumenyezela kuso imiphumela.
“Isibalo sabantu abangavotanga siyaphoxa kakhulu kubantu bakuleli, hhayi kithina maqembu ezepoliti kuphela. Kumele siyidingide lento uma sesiqede konke okuthinta ukhetho ngoba ukungabibikho kwentshisekelo yokuvota yinto esikhathazekile ngayo. Sinenselelo yokuqinisekisa ukuthi sibuyisa ukwethenjwa kukahulumeni namaqembu ezepolitiki kubantu bakuleli,” kusho uSingh.
NgoMsombuluko i-IEC ithe babalelwa ku-30% abantu ababhalisele ukuvota abagcine bevotile. U-70% ukhethe ukuzihlalela emakhaya ngezizathu ezihlukene.
Ekhuluma ngezibalo zamavoti zakamuva uSingh uthe banelisekile ngabakubonayo eKZN. Uthe ezindaweni eziningi sibukeka sikhuphuka isibalo sabantu abaseka i-IFP.
Ugxeke i-IEC ngokuhluleka ukwenza umsebenzi ngendlela efanele ezikhungweni ezihlukene zokuvota izolo.
“Kube nezindawo ezivulwe isikhathi sesidlulile, ezinye imishini yoku-scanner ibingasebenzi, abanye abantu bajikisiwe...i-IEC ibingasizi kulezi zimo. Kuzwelonke ubuholi babo buyanconwa ngokuhleleka kwabo, kodwa abasebenzi bayo abaphansi ngicabanga ukuthi bebesadinga ukuqeqeshwa ngendlela yokusebenza nokuziphatha uma usebenza esikhungweni sokuvota,” kusho yena.
USingh uzigxekile izigameko zodlame eziqubuke KwaZulu-Natal ngaphambi kokhetho kanye nangosuku lokhetho.