BEBEQASHWE ngelokhozi ngesikhathi becele enkantolo izolo abasolwa ngokubulala owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana uSenzo Meyiwa, namuhla okuphela iminyaka eyisikhombisa abulawa eVosloorus eGoli Isithombe: Timothy Bernard/ African News Agency (ANA)
OMUNYE wemindeni yendoda eboshelwe icala lokubulala owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, uthi ababoshiwe bashaywa ngamaphoyisa afuna bavume icala.
Lo mndeni usola amaphoyisa ukuthi azama ukuthenga abasolwa ngemali kodwa bayenqaba yingakho manje sebewukudla kwesibhaxu ejele.
Ilungu lalo mndeni elingeke lidalulwe ukuvikela ukuphepha kwalo lithi ikhala ngesibhaxu enye yamadoda aboshiwe.
“Uze wasixwayisa nathi siwumndeni ukuthi sihlale siqaphile ngoba kwathina asiphephile. Ngaya emaphoyiseni ngawabikela lolu lwazi angisizakalanga,” kubalisa leli lungu.
Umndeni kaMeyiwa ukufanisa nebhayisikobhu ukuboshwa kwamadoda amahlanu abekwe icala lokumbulala.
Ukholelwa ukuthi ababulali bangempela bakaMeyiwa bayaziwa futhi abakaboshwa. Usola amaphoyisa ngokwenza amadoda aboshiwe izimvu zomhlatshelo ngenhloso yokuqeda icala.
Elinye ilungu lomndeni loboshiwe nalo elingeke lidalulwe ukuvikela ukuphepha kwalo, lithe kukhona okushaya amanzi ngokuboshwa kwelungu lomndeni walo. Lithi izinkulumo azihlangani futhi bewumndeni babona kwithelevishini ukuthi ilungu lawo lingumsolwa kuleli cala. Lithe abakaze bakhulume naleli lungu selokhu lavezwa ukuthi lingumsolwa, kanti bayafisa ukuya enkantolo kodwa kukude.
Umfowabo kaMeyiwa, uSifiso Meyiwa obekade esenkantolo izolo, uthe abakholwa ukuthi kuboshwe abantu okuyibona ababulala umfowabo.
Ukufanise nomdlalo ukuboshwa kwabasolwa, wathi yinto eyakhiwe ngabathile abafuna ukuqeda icala.
“Kunobufakazi obasuswa edokodweni ngenhloso yokuvikela ababulali bangempela bakaMeyiwa. Asineme ngendlela okuphethwe ngayo icala,” kusho uMeyiwa.
Usole amaphoyisa ngokuthenga ngemali ababoshiwe ukuthi bavume icala kodwa benqabile njengoba sebehlukunyezwa ejele. Abasolwa baboshwa ngo-Okthoba nyakenye.
Namhlanje kuphela iminyaka eyisikhombisa kwasocongwa uMeyiwa owadutshulwa ngo-Okthoba 26, 2014 ekubo kamawengane yakhe uKelly Khumalo eVosloorus, eGauteng.
Abasolwa oMnuz Muzikawukhulelwa Sibiya, Bongani Sandiso Ntanzi, osolwa ngokudubula uMthobisi Mncube, uMthokozisi Ziphozonke Maphisa noSifiso (Nkani) Ntuli, bavele eNkantolo eNkulu eGoli, ehlezi ePalm Ridge izolo.
Bavele basejele ngamanye amacala. Kulindeleke ukuthi liqale ukuqulwa icala ngo-Ephreli 11, ngonyaka ozayo.
Leli cala lizoqulelwa eNkantolo eNkulu yasePitoli, okuthiwa ivulekile futhi iphephile njengoba kulindeleke nofakazi abayisishiyagalolunye.
Umndeni kaMeyiwa umelwe wuqweqwe lommeli u-Advocate Gerrie Nel wenhlangano emele amalungelo abantu, i-AfriForum.
UNel uthe baphoxekile ngokuthi icala kalizoqulwa kulo nyaka. Uthe isinqumo sokulihlehlisa sithathwe ngabameli noMbuso umndeni ungazi.
UNel uthe uyathemba bese lihlehla okokugcina icala ngoba umndeni wakaMeyiwa ufuna ukwazi ukuthi kwenzakalani?
“Sizoxhumana namaphoyisa nabaphenyi becala ukuze sibheke ukuthi abekho yini abanye abasolwa abasengaboshwa ngaleli cala,” kusho uNel.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Vish Naidoo, ucele umfowabo kaMeyiwa ukuthi athule ubufakazi athi unabo enkantolo.
“Akavulele la maphoyisa awasola ngenkohlakalo icala ngoba ngokwazi kwami alikho icala alivulile, okuyindida. Abaseshi abafakwe kuleli cala bayawazi umsebenzi wabo,” kusho uNaidoo.