UZOBUYELA enkantolo ngoNovemba 15, owesifazane waKwaMashu, okuthiwa ubezenza ummeli.
UNksz Nomthandazo Shezi (30) uvele eNkantolo yeMantshi eNtuzuma, ngoLwesihlanu, emuva kokuboshwa ngoLwesithathu ngamacala amabili okukhwabanisa. Icala lakhe libe selihlehliselwa inyanga ezayo ukuze kuqhutshekwe nophenyo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe ngo-Okthoba 10, indoda eneminyaka engu-49 iye enkantolo eNtuzuma iyocela usizo lwezomthetho ngomhlaba ebifuna ukuwuthenga. Kuthiwa enkantolo kuyilapho kweza kuyo owesifazane owayezenza ummeli nowamluleka ngokuthi akhokhe idiphozithi ngoba uzokwazi ukumsiza ukuthi athenge umhlaba. Lo wesifazane wathi imali ezosala izofakwa kwi-akhawunti ye-trust.
Umgilwa kuthiwa waba nokusola ukuthi kukhona okushaya amanzi ngesikhathi abekuthenjisiwe kungesenzeki, nalo wesifazane engasatholakali. Umgilwa wavula icala lokukhwabanisa esiteshini samaphoyisa KwaMashu ukuze kuphenywe. UColonel Mbele uthe kube sekuqalwa uphenyo, kwaboshwa umsolwa ekubo KwaMashu. Uthe kuvele nomunye umgilwa okhale ngokuqolwa yilo wesifazane esebenzise indlela efanayo.