ASHE kanje amatekisi kuDurban Road eKorsten izolo
UNQGONGQOSHE wamaphoyisa kuleli uMnuz Bheki Cele usekugxekile ukuziphatha kwabokufika kuDurban Road, eKorsten eGqeberha.
UCele ubehambele le ndawo ese-Eastern Cape ngoLwesine kulandela ukuqubuka kodlame phakathi kwabamatekisi nabantu bokufika ngoLwesithathu okuphethe ngokuthi kushiswe amatekisi okuthiwa angaphezulu kweshumi.
Ungqongqoshe uthe ngesikhathi efika nethimba lakhe kanye nabanye abaholi bakwazile ukukhuluma nazo zonke izinhlaka ezithintekayo bazikhuthaza ngokuthi ziqhubeke zixoxisane zithole ukubambisana noxolo.
“Kodwa lokho akuwavimbi amaphoyisa ukuthi enze umsebenzi wawo. Uma kuwukuthi kucekelwe impahla njengoba kushiswe amatekisi, amaphoyisa azongenela lapho kufanele baboshwe abathintekayo. Okunye okwenzekile la kunezibhamu ezinkulu ebezivezwa behamba nazo ezinye ziqhunyiswa, ngokomthetho wakuleli akekho umuntu ongelona iphoyisa noma isosha ovumelekile ukuhamba ekhombisa izibhamu. Labo bantu kufanele balandelwe, zithathwe lezo zibhamu zihlolwe ukuthi zidubulile yini. Abanikazi bazo bayochaza ukuthi bebedubulani. Ngenhlanhla enkulu ke sinawo ama-video,” kusho uCele.
Uqhube wathi ngokwemibiko abayitholayo emphakathini uDurban Road udumile ngezigameko zokuphulwa komthetho.
“Abantu bakhona bacabanga ukuthi bakwelinye izwe. Abantu abakulo mgwaqo bazitshela ukuthi bawuhulumeni. Akekho uhulumeni ongakhethiwe ozofika enze izinto ezingekho emthethweni la, ngakho ke sizotshala amaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi uyalandelwa umthetho,”