Izindaba

Udalula izizathu zokuhoxa kwesikamehluleli omkhulu

Sabelo Nsele and Mayibongwe Maqhina|Published

UDkt Wallace Mgoqi uchaza ngezizathu ezimenze wahoxa emjahweni wokungena kwesikamehluleli omkhulu. Isithombe: HANNES THIART.

OMUNYE walabo abebeqokelwe kwesokuba umehluleli omkhulu, uDkt Wallace Mgoqi, uchaza ngezizathu ezimenze wahoxa emjahweni wokungena kulesi sikhundla

UMgoqi ubengomunye wabantu abayisishiyagalombili obekufanele kuhlungwe kubona, ozongena esikhundleni seJaji Mogoeng Mogoeng, ozothatha umhlalaphansi ngesonto elizayo.

Kodwa ngoLwesibili uMgoqi umemezele ukuhoxa kulo mjaho.

Ekhuluma ne-Independent Media, uMgoqi uthe leli thuba eliyingqayizivele lokuba umehluleli omkhulu lifike ngesikhathi esibi kuyena.

UMgoqi uthe kuyishwa ukuthi leli thuba ulithole esekhulile ngokweminyaka.

Ukhale ngokungabi khona kwezinguquko ezinkantolo, wathi yikhona okumvalele iminyango.

“Ngingomunye wabantu abamnyama abafundile kakhulu kwezomthetho kodwa angikaze nginikezwe ithuba lokubamba njengejaji. Abaphethe izinkantolo abakaze banginike leli thuba futhi abakaze baziphendule izicelo zami zokuba nginikezwe lona. Lokhu kungincishe ithuba lokuthi nami ngifake isandla kwezomthetho kuleli.”

UMgoqi uthe unolwazi olunzulu nesipiliyoni ezindabeni ezithinta ezomhlaba, wathi ukholwa ukuthi ngabe inkulu indima ayidlalile kwezomthetho ezithinta ezomhlaba.

“Inkinga ukuthi amandla okuqoka amajaji azobamba anikezwe abaphethe izinkantolo. Abanye babo baziqokela abantu ababathandayo.

“Bayakhohlwa ukuthi ukuqoka amajaji azobamba kubalulekile kakhulu ekuletheni ushintsho ezinkantolo. UMnyango wezoBulungiswa kufanele uyicabangisise indaba yokuthi kuqokwe uhlaka oluzimele, oluzoqoka abazobamba njengamajaji.”

UMgoqi ubeqokwe nabanye abayisishiyagalombili ukuba bangene kulesi sikhundla.

Phakathi kwabaqokiwe kubalwa obambe njengomehluleli omkhulu, iJaji uRaymond Zondo, uMengameli wamaJaji eWestern Cape, iJaji uJohn Hlophe noMvikeli woMphakathi, u-Advocate Busisiwe Mkhwebane.

Lolu hlu luphinde lufake namagama amajaji aseNkantolo yoMthethosisekelo, iJaji uMbuyiseli Madlanga, iJaji uMandisa Maya, noMengameli wamaJaji eGauteng, iJaji uDunstan Mlambo.

Omunye oqokiwe ngu-Advocate Alan Nelson, SC.

Ithimba elizoqoka ozokuba ngumehluleli omkhulu lizothumela amagama aphakathi kwamathathu namahlanu elizowahlunga kula magama ayisishiyagalombili, kuMengameli Cyril Ramaphosa, ukuba kuqokwe kuwo ozongena kulesi sikhundla.