Izindaba

Ukucwaswa kwabahushula izisu kubayengela eweni

Phili Mjoli|Published

IMIBHIKISHO ekhuthaza ukuthi uma ungayithandi ingane usukhulelwe kungcono unikele ngayo, yenza ukuthi abafuna ukuhushula izisu bafune ukukwenza lokhu esithe ngoba bebalekela ukucwaswa yize kuvumelekile kuleli Isithombe: SIGCINIWE

INDLELA abantu emphakathini abakubuka ngayo uma bezwa ukuthi awudlwengulwanga kodwa ufuna ukuhushula isisu, kuholela ekutheni nabafisayo ukuhushula izisu besabe bagcine bekwenza ezindaweni ezingaphephile lokhu.

UNksz Molemo Molahloe isishoshovu sokukhishwa kwezisu okuphephile kuleli, usho kanje izolo njengoba kade kuwusuku lokugqugquzela ukuthi abantu besifazane abafuna ukuhushula izisu bakwenze endaweni ephephile.

UNksz Molahloe ongumhlengikazi uthe ngesikhathi ehushula isisu wayengakakulungeli ukuba nengane, wayengakuhlelile kwakukhulelwa ngoba wayesafundela bona ubuhlengikazi.

"Ngangihlale ngisho ukuthi angifuni ukukhulelwa ngingakazimeli futhi ngangikwenza okufanele ukuze ngingakhulelwa. Kwathi uma sengithola ukuthi ngikhulelwe kwamele ukuthi ngisihushule isisu. Akubanga yinto engayifihla ukuthi isisu ngizosihushula kodwa izinkulumo ezazikhulunywa ngabanye abantu nami zacishe zangishintshisa. Kwadingeka ukuthi ngizicabangele mina, ngingabheki indaba yenkolo, eyesiko ngisho eyalo isoka lami ngoba ekugcineni ingane kwakuzoba ngeyami. Sengisithathile leso sinqumo, abangani bami babekhathazekile ngokuthi ngizothini uma ngizithola sengiyosebenza esikhungweni sezempilo lapho ngihushule khona isisu ngoba lokhu kuzokwenza ukuthi bangibuke ngenye indlela?" kusho yena.

Uthe wake wacabanga kaningi esefuna ukuyosihushula esikhungweni esizimele ekubeni sikhona isikhungo sikahulumeni esiphephile futhi esihushula mahala isisu.

UDkt Vikah Singh oyisishoshovu esikhuthaza ukuthi abantu besifazane bahushule izisu ezindaweni eziphephile KwaZulu-Natal, uthe yize umthetho ogunyaza ukuhushulwa kwezisu washaywa ngo-1996, namanje kusekhona abasebenzi bezempilo abangayizwa indana yokuhushula izisu ngenxa yezinkolelo zabo zezenkolo noma zamasiko.

Uthe abantu abathola ukuzwelwa ngabantu besifazane abadlwenguliwe kodwa abasuke bengadlwenguliwe namanje basabukwa njengabantu abakhohlakele.

"Kuyenzeka umuntu wesifazane afike esikhungweni sezempilo efuna ukuhushula isisu angasizakali ngoba umsebenzi wezempilo naye unelungelo lokuthi amdlulisele phambili uma engeke akwazi ukumsiza. Kuyenzeka ukuthi isikhungo adluliselwa kuso sibe kude agcine engasakwazi ukuya kuso ngenxa yokuswela imali yokugibela," kusho yena.

Uqhube wathi lokhu kwenza ukuthi abantu besifazane bagcine sebehushula izisu ezindaweni ezingaphephile okubeka impilo yabo engcupheni.

Uthe abanye balimala izibeletho ngesikhathi besebenzisa izinto ezingaphephile.

Inhlangano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO), ithe zilinganiselwa ku-22 million izigameko zokuhushulwa kwezisu okungaphelile okwenzeka emhlabeni ngonyaka. Ithi iningi lalezi zigameko zenzeka e-Afrika.

UDkt Singh uthe iningi labantu besifazane abasuke befisa ukuhushula izisu bagcina bephuze izinto ezingaphephile, bezama ukuzihushula bona izisu bagcine bephuthunyiswa ezikhungweni zezempilo sekubonakala ukuthi bangase bashone.

"Phambilini, iningi belishona manje alisashoni kodwa lifika ezibhedlela selilinyalelwe yizibeletho ngoba lisebenzise izinto ezingaphephile. Lokhu kudala ukuthi lingabe lisakwazi ukuthola izingane ngesikhathi esizayo okuyinto ebingagwemeka ukube belilandele indlela ephephile," kusho uDkt Singh.

UDkt Manisha Kumar weDoctors without Boarders, uthe ngo-2017 baqale uhlelo olwaziwa ngeTask Force on Safe Abortion Care. Kulolu hlelo bakhipha iphilisi eliphephile umuntu angalisebenzisa ekhaya.

"Siyawubona umehluko kubantu besifazane abafuna usizo. Sicabanga ukuthi leli philisi liwusizo ngoba abanye besifazane basuke bengafuni ukubonakala ukuthi bake bahushula izisu," kusho uDkt Kumar.