Izindaba

Kugwetshwe owesilisa ngokudlwengula ingane angayizali

Nomonde Zondi|Published

File image. Picture: Pixabay

UGWETSHWE iminyaka engu-16 owesilisa (36) ngecala lokudlwengula indodakazi yowesifazane athandana naye eneminyaka engu-16.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe umgilwa wayebuka ifilimu nezingane zakubo, emva kokuba ezumekile wabona ukuthi umsolwa uhleli eduze kwakhe.

“Ngenkathi ephaphama wasuka ethi uyolala egunjini lakhe, nokuyilapho umsolwa ambamba ngendluzula wamdlwengula,” kuchaza uCaptain Gwala.

Uqhube wathi umgilwa wabikela udadewabo ongapholisanga maseko bayovula icala esiteshini samaphoyisa esiseSikhaleni. Kwabe sekuboshwa uyise wale ntombazane ongayizali, wavela enkantolo izikhawu waze watholwa enecala lokudlwengula ngeledlule.

Kwesinye isigameko kugwetshwe umfana (19) ngecala lokudlwengula umzala wakhe oneminyaka eyisikhombisa ngenkathi evakashele kagogo wakhe.

“Umsolwa wayibizela egunjini lakhe ingane ngaphambi kokuba ayidlwengule,” kuchaza uCaptain Gwala.

Umsolwa kuthiwa ugwetshwe iminyaka engu 12 emva kokuba umndeni umvulele icala esiteshini samaphoyisa ngoDisemba 2019. Kwavulwa icala emaphoyiseni eMpangeni, umsolwa waboshwa wagcina ngokugwetshwa.

Uthe la macala womabili abephenywa uphiko lwamaphoyisa aseMpangeni oluphenya amacala odlame lwemindeni, ukuvikelwa kwabantwana nawocansi.