Izindaba

Inkundla yekuxhumana iZiyakhala nenhloso yokulekelela abafundi

Nomonde Zondi|Published

Abanye abasunguli benkundla yokuxhumana iZiyakhala, uMnuz Sithembiso Zondi noMzwandile Zondi behlezi nowayengumsakazi woKhozi FM uNgizwe Mchunu, ngenkathi bezomxoxela ngale nkundla yokuxhumana Isithombe: SITHUNYELWE

SEKUKHONA inkundla yokuxhumana ebizwa ngokuthi Ziyakhala Inc esungulwe osomabhizinisi baseThekwini.

Le nkundla yokuxhumana okuthiwa icishe isebenze njengoFacebook, yasungulwa uMnuz Sithembiso Zondi ngo-2013.

“Ngenkathi ngisungula le nkundla yokuxhumana ngangifuna ukuhlanganisa abantu. Yayibizwa ngokuthi i-Angel in box,” kulandisa uZondi.

Eqhuba uthe kodwa ayizange iphumelele nokuyilapho ahlaba ikhefu kuyo.

“Sibe sesihlangana kulo nyaka nabanye osomabhizinisi, sibane. Sibe sesiyiqamba kabusha. Kunzima ukuthi sithole amalungelo okuthi sifake ezinye izinto kuyona. Besifuna ukuthi siyisebenzise kakhulu ekutheni ikwazi ukulekelela intsha efundayo,” kuchaza uZondi.

Uthe bafisa ukuthi uMnyango wezeMfundo ubalekelele ekutheni abafundi ikakhulukazi bakwa-matric bathole amaphepha ezivivinyo angeminyaka edlule.

“Izingane zamanje zihlale zichofa amaselula, uma zingaba nale nkundla yokuxhumana bese zikwazi ukuthi zithole amaphepha angeminyaka edlule kungaba kuhle kakhulu. Uma izitshudeni zingakwazi ukuthola izincwadi zazo zokufunda kule nkundla yokuxhumana kungaba kuhle kakhulu. Siyafisa uMnyango wezeMfundo usilekelele,” kusho uZondi.

UMnuz Mzwandile Zondi osebenzisana noMnuz Sithembiso kule nkundla yokuxhumana uthe bahlale phansi nowayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, ngaleli gama abayiqambe ngayo.

“Sihlangane noMchunu ukuze sixoxisane kungabi sengathi sebe itemu lakhe. Sixoxile naye wabe esesifisela konke okuhle washo ukuthi ubengakaze acabange ukwenza inkundla yokuxhumana,” kulandisa uMnuz Mzwandile.