UMPHATHI wakwaMTN KwaZulu-Natal, uMnuz Matthew Khumalo, Isithombe: SITHUNYELWE
INKAMPANI yezokuxhumana kuleli, iMTN, isiqale uhlelo lokuthuthukisa isifundazwe, iKwaZulu-Natal, ngokuthi ithuthukise ingqalasizinda ukuze i-network itholakale ezindaweni eziningi ikakhulukazi ezisemakhaya futhi isheshe.
Le nkampani ithi njengoba sekucaca ukuthi ezobuchwepheshe yizona ezibalulekile kakhulu esikhathini samanje, ibona kukuhle ukuthi ifake imali ekutheni ithuthukise ingqalasizinda yayo kulesi sifundazwe, ezokwenza ukuthi i-network isheshe futhi ibekhona kuzona zonke izindawo.
Lolu hlelo lokuthuthukisa nokulungisa ingqalasizinda luzodla uR500 million kanti seluvele luqalile ezindaweni okubalwa kuzo eThekwini, eMpendle naseMsinga.
UMnuz Matthew Khumalo, ongumphathi wakwaMTN kulesi sifundazwe, uthe kubalulekile ukuthi i-network isheshe ngoba abantu sebesebenzela emakhaya kanti nezingane sezifunda ngezobuchwepheshe.
“Lokhu kuzosiza ekutheni kuvuselele umnotho wesifundazwe njengoba silahlekelwe imali eningi ngenkathi kunezibhelu,” kuchaza uKhumalo.
Eqhuba uthe le nkampani izophinde ibhekelele neziphaza emalokishini ngoba nakuzona kwatatshwa.
“Lezi zitolo zidlala enkulu indima emnothweni wesifundazwe, sizobheka eziwu-1000 esizozixhasa ukuthi ziphinde zivule zisebenze. Lezi zitolo kumele kube ngezabantu bakuleli futhi kube ngezaselokishini,” kubeka uKhumalo.
Uthe konke lokhu kuzoqinisa kuphinde kuthuthukise umnotho wakulesi sifundazwe.
Lolu hlelo lweziphaza luzodla uR10 million. Isiphaza ngasinye, esizothola uxhaso, sizothola isitokwe, i-airtime ukuthi ziyidayise nemishini yeMoMo nokunye.
Abaneziphaza abafisa ukufaka izicelo zoxhaso bangathumela izicelo zabo [email protected]