File picture: SAPS Twitter
AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)
INHLANGANO elelwa amalungelo abantu, iFoundation for Human Right, ithi ukushona kowayeyiphoyisa lobandlululo uMnuz João Rodrigues, kuyishwa elikhulu ngoba imindeni yababelwa nobandlululo njengesishoshovu uMnuz Ahmed Timol, ngeke besabuthola ubulungiswa.

“Kade belindile ukuthola ulwazi ngokuthi amalungu abo emindeni ashona kanjani. Ithuba lokuba bathole ubulungiswa liyashabalala. Imindeni yezisulu isele dengwane ekushushisweni kwalabo abenza amacala,” kusho okhulumela iFoundation for Human Rights, uMnuz Howard Varney.
Uqhube wathi icala likaRodrigues, linge linye lamacala obekusamele ashushiswe ukuze kuliwe namacala enzeka ngesikhathi sobandlululo.
URodrigues obeneminyaka engu-82, wabekwa icala lokubulala isishoshovu esasilwisana nobandlululo uMnuz Ahmed Timol, owabulwa esiteshini samaphoyisa eJohn Vorster Square, eboshwe ngo-Okthoba 1971.
Ummeli kamufi uMnuz Ben Minnaar, ukuqinisekisile ukuthi u- Rodrigues, ushonele emzini wakhe ePitoli ngezintatha zangoMsombuluko. Kuthiwa ubegula.
Waqala ukuhamba icala ngoJulayi 30 2018. Icala belilokhu lisenkantolo.