UMENGAMELI wezwe, uCyril Ramaphosa, kulindeleke ukuba akhulume nezinhlaka ezahlukene ngokuthinta iCovid-19 ngaphambi kokuba abe nenkulumo ebhekiswe ezweni. Isithombe: Elmond Jiyane.
UMENGAMELI wakuleli, uCyril Ramaphosa, kubhekwe ukuba akhulume nabamaqembu ezepolitiki nabamabandla ngokuthinta igciwane iCorona ngaphambi kokuba akhulume nezwe.
Esitatimendeni esithunyelwe ngokhulumela uhulumeni, uPhumla Williams, uthe uRamaphosa ube nomhlangano nekomiti elibheke izindaba zeCovid-19, i-National Coronavirus Command Council (NCCC), ngoLwesibili. Bebebhunga khona ngezakamuva ezikhinta iCovid-19.
“Kulo mhlangano bekubhekwe ezithinta iCovid-19, ukuthi bangaki abathelelekile, imigomo nokubheka isimo ukuthi sinjani manje? Kuzobhekwa nemithetho kathaqa ngaphansi kwesigaba sesithathu. I-NCCC ivumelene ukuthi umengameli, ezinsukwini ezizayo, kumele akhulume nabamaqembu aphikisayo, nabezenkolo,” kusho uWilliams.
Uqhube wathi uma esezenzile lezi zingxoxo umengameli uyobe esekhuluma nezwe.
“Kuzobe sekuchazelwa izwe ngohlelo lomgomo eliqhubekayo, ukuvikelwa kwabantu nezindlela zokuxegisa imigomo kathaqa,” usho kanje.
Imihlangano yenziwa nje, kuvele ukuthi abathelelekile yigciwane bangu-2 824 063. Abasha abasanda kutheleleka bangu-4 118, ngokwemibiko yangoMsombuluko. UMnyango wezeMpilo ubike ukuthi kushone abangu-198, okusho ukuthi isibalo sabashonile kuleli sesi ku-83 617.