IMVULA enamandla ihambe nomuzi nemoto yomunye umndeni eLa Mercy, eThekwini ngoMsombuluko ebusuku. Isithombe: Tumi Pakkies/African News Agency(ANA)
ISAZOBA mandla imvula ehambisana namakhaza namhlanje KwaZulu-Natal. Lokhu kushiwo uNksz Ayanda Nsele, oyisangoma sezulu kwaSA Weather Service.
“Le mvula izoba namandla kakhulu njengoba iqale izolo. Namuhla singalindela imvula engafika ku-80% ezingxenyeni eziningi zaKwaZulu-Natal, bese kuthi enyakatho nesifundazwe, okubalwa izindawo ezifana noJozini, Mtubatuba nezinye, silindele imvula engu-50%. Imvula izohambisana nokuduma, amakhaza nezikhukhula,” kuchaza uNksz Nsele.
Uthe kusasa lizophenya, kufudumale, kuvele nenhlamvu yelanga, bese kuthi ngoLwesine nangoLwesihlanu kuphole.
“Ngingasho ukuthi impelasonto izobe ishisa,” kusho uNksz Nsele.
Umonakala odalwe imvula enamandla kusukela ngempelasonto usuqalile ukubonakala eThekwini. NgoMsombuluko ebusuku imvula enamandla idale ukuthi kubhidlike umuzi eLa Mercy ngenxa yokuqhuma kwepayipi elithutha amanzi elihamba ngaphansi kwawo.