Izindaba

Amaphoyisa aphenya nezinkampani zonogada ngokubulawa kwabantu ePhoenix

Willem Phungula|Published

ABASOLWA abathathu abavela enkantolo ngo-Agasti 12 bangena bezifihle ubuso enkantolo yeMantshi eVerulam. Sachithwa isicelo sabo sebheyili, kulindeleke ukuthi babuyele enkantolo ngoSepthemba 15. Isithombe: Nqobile Mbonambi / African News Agency (ANA)

AMAPHOYISA aphenya nezinkampani zonogada, okubalwa kuzo iReaction Unit South Africa (RUSA) ngokulekelela ababebulala abantu ePhoenix ngesikhathi kunezibhelu eThekwini ngoJulayi.

Ngokwamaphoyisa, kwabulawa abantu abawu-36 kule ndawo ngoJulayi, kanti kuleli sonto uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele uveze ukuthi sebebalelwa ku-56 ababoshelwe lawa macala.

Ngaphezu kwababoshiwe, okhulumela ungqongqoshe wamaPhoyisa, uLirandzu Themba ngoLwesine udalule ukuthi amaphoyisa aphenya izinkampani ezine zonogada okuyiRUSA, KZN VIP, Sealani Security neRoyal Protection.

Amaphoyisa athe kubasolwa ababoshwe kamuva, kubalwa nonogada abebeqashwe yilezi zinkampani. Kulindeleke ukuthi bavele enkantolo maduze.

UCele kuleli sonto uphinde wadalula ukuthi kunamaphoyisa eSAPS asePhoenix nawo aphenywa ngokulekelela abasolwa.

Umqondisi weKZN VIP Unit uMnuz Glen Naidoo uzichithile izinsolo ezibhekiswe kubona. Uthe abakaze bakweseke ukuzithathela umthetho ngezandla. Uthe uzolinda amaphoyisa aphothule uphenyo.

Okhulumela iRUSA uPrem Balram akatholakalanga ngesikhathi ethintwa yiphephandaba elinguzakwabo weSolezwe, iDaily News. UBrandon Pillay, ongesinye sezikhulu zeSealani Security, uthe ngeke aphawule ngoba abakaze babulale muntu.

Ikhansela lasePhoenix, uMnuz Stanly Moonsamy, lithe lizwile ngokuphenywa kwezinkampani zonogada. Uthe ziphenywa ngoba zahluleka ukulekelela amaphoyisa, kunalokho “zakhetha ukulimaza abantu zadala noqhekeko emphakathini.” Uthe lezi zinkampani kumele zibhekane nengalo yomthetho.

Uthe imindeni yababulawa nalabo okwacekelwa phansi impahla yabo kumele banxeshezelwe uhulumeni.

Ngesikhathi kuqala uphenyo lwamaphoyisa, kwashaqwa izibhamu eziwu-112 zabantu abahlala ePhoenix. Kwaphinde kwashaqwa ezinye eziwu-152 ezinkampanini zonogada.

Abasolwa okubalwa kubo oYubandra Govender, Rinesh Mohan, Mehmood Khan, McKallen Govender, Sholan Reddy, Khalil Mohamed, Christopher Pillay, Kirosh Maharaj noSumeeth Maharaj, kulindeleke ukuthi babuyele enkantolo ngoSepthemba 15.