Kushone abawu-11 engozini eyenzeke namhlanje ekuseni ngaseXobho, emgwaqweni uR612 Isithombe: SITHUNYELWE
KUSHONE abantu abawu-11 engozini enyantisa igazi eyenzeke namhlanje ekuseni ngabo-08.30, emgwaqweni uR612, ophakathi kweXobho neHighflats, KwaZulu Natal.
Kuthiwa amaloli amabili, iveni netekisi kutholane phezulu kulo mgwaqo.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo, uMnuz Robert McKenzie uthe: “Abantu akade belimele kakhulu baxilongwe endaweni yesigameko, babe sebedluliselwa esibhedlela esiseduze.”
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, usiqinisekisile isigameko, wathi kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso.
“Abantu abawu-11 akade besetekisini bashone bonke. Abanye baphuthunyiswa esibhedlela,” kusho uCapt Gwala.