AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)
OSUKWINI lwesithathu kuthulwa ubufakazi ngokushona kweziguli ezasuswa eLife Esidimeni, bakuchithile ukuthi iziguli zazikhishwa ngaphandle kwamafayela achaza ngokugula kwazo.
Ebufakazini bowayengumqondisi eLife Esidimeni, uDkt Morgan Mkhatshwa, ukuphikile ukuthi iziguli zayiswa ezindaweni zezinhlangano ezingenzi inzuzo ngaphandle kokunikeza lezi zikhungo amafayela eziguli.
Ukuphikile nokuthi iziguli zazigula ngesikhathi zihanjiswa.
Ubufakazi bumayelana ngokwenzeka okwaholela ekushoneni kweziguli ezingu-114 ngo-2016, emuva kokuba uMnyango wezeMpilo wamisa inkontileka yaseLife Esidimeni yokugcina iziguli ukuze kwehliswe izindleko nokuhlela kabusha umnyango obhekelele abagula ngokomqondo.
UMkhatshwa ubuzwe nangendlela abebelapha ngayo iziguli. Uchaze ukuthi bona babengeke bakwazi ukunciphisa izindleko ngoba iziguli zazidinga ukulashwa ngendlela ethize.
Uthe umnyango wawungaphansi kwengcindezi ukukhipha iziguli ngenxa yezizathu zepolitiki. Uthe wazama ukunxenxa izikhulu ukuba zingasuswa iziguli lapho zazikhona.
Kuphinde kwavela ubufakazi ukuthi osebenzela uMnyango, uDkt Levy Mosenogi, waqinisekisa ukuthi lezi zikhungo ezizimele zizokwazi ukugcina iziguli ngendlela futhi zizokwenza umsebenzi ongcono kakhulu kuneLife Esidimeni. Ikhomishini iyaqhubeka.