UMNUZ Xulisani Nkosi ngenkathi ethola umgomo weCovid-19, ubejovwa wu-matron Balungile Ntombela eDenis Hurley Centre, eseThekwini, Isithombe: Bongani Mbatha /African News Agency (ANA)
ININGI labahlala emgwaqweni eThekwini, KwaZulu Natal, bathi ngeke baze bagome ngoba bazobulawa ngomgomo weCovid-19.
Bakusho lokhu izolo njengoba kade abanye begoma eDennis Hurley Centre eThekwini. Abanye kade bengena begoma, abanye bemile ngaphandle kwale ndawo beyiqulu, bethi angeke bona bagome ngoba bazobulawa ngalo mgomo.
UMnuz Phumlani Mthethwa (27) ohlala emgwaqweni, uthe ngeke agome yena ngoba uzwile ukuthi abantu bayashona emva kokugoma.
“Kukhona omunye ubaba onesitolo lapha edolobheni okuthiwa wahamba wayogoma ngakusasa akabange esavuka. Nami angeke ngize ngigome ngoba kusho ukuthi lo mjovo uyabulala,” kulandisa uMnuz Mthethwa.
Eqhuba uthe bona ayikaze ibaphathe iCovid-19, bonke bayimiqemane futhi akekho okuthiwa wabulawa yilolu bhubhane.
Uthe: “Angazi noma ingoba sidla izidakamizwa yini kodwa angikaze ngigule mina selokhu laqala ubhubhane,” kusho uMthethwa.
UMnuz Xulisani Nkosi (37) ohlala emgwaqweni ufikile kule ndawo ezogoma, uthe yena unesihlobo sakhe ezwe ukuthi sibulawe wubhubhane yingakho ezogoma.
UNksz Gculisile Ntshangase (27) naye ohlala emgwaqweni uthe ngenkathi ezithwele wathola ukuthi uneCorona.
“Ngenkathi ngisesibhedlela eKing Edward ngonyaka odlule ngiyoteta, ngatshelwa ukuthi ngineCovid-19 kodwa ngangingaguli. Ngigomile ngoba ngiyasisaba lesi sifo. Ozakwethu bathi ngizofa njengoba sengigomile,” kuchaza uNksz Ntshangase.
Eqhuba uthe uyazama ukuchazela ahlala nabo ukuthi uma sekufika isikhathi sokufa uzoshona, hhayi ukuthi uzobulawa wumjovo.
UNkk Nokwanda Mkhize oyi-Community Health Facilitator eThekwini, uthe inkinga ababhekene nayo ukuthi abantu abahlala emgwaqweni kabanabo omazisi futhi abanye abazazi izinombolo zabo.
“Laba abazaziyo izinombolo zomazisi babo siyabagoma. Sisazama ukulungisa indaba yokuthi sikwazi ukubagoma ngisho bengenabo omazisi,” kuchaza uNkk Mkhize.
Uthe abantu abahlala emgwaqweni bagonywa ngeJohnson & Johnson ngoba angeke kube lula ukuthi baphinde babuye bazogoma okwesibili.
Umqondisi wale ndawo, uMnuz Raymond Perrier, uthe bafuna ukwenza isiqiniseko sokuthi abantu abahlala emgwaqweni bahlala benempilo.