Izindaba

Akasalali oqokelwe ukuba yikhansela wahlaselwa

Nomonde Zondi|Published

USELALA obenyoni owesilisa waseMalukazi, eMlaza, othi kudutshulwe indodana yakhe, ngesonto eledlule, kanti usola ukuthi lokhu kunenhlese yepolitiki njengoba ebesanda kukhethwa ngamalungu e-ANC ukuyimela kwesobukhansela okhethweni oluzayo lohulumeni basemakhaya.

UMnuz Sizwe Mthethwa othi uphume phambili ngenkathi kuvotelwa amakhansela kuWard 86 ngo-Agasti 9, uthe inkabi eyadubula indodana yakhe yayifuna yena kwasho ukuthi kayimazi, yabe isidubula umfana wakhe.

“Ngo-Agasti 17 ntambama, kwafika umuntu wesilisa owamukelwa yindodana yami ena-17, wafike wabuza mina. Uma ezwa ukuthi angikho wabe esecela izinombolo zami zocingo. Kwaba sengathi uyahamba waphinde wabuya wacela amanzi,” kulandisa uMthethwa.

Eqhuba uthe lo muntu waphinde wabuya futhi kodwa waqondana nonina. Wathi uke wakhuluma nami uzongibheka, kanti usho indodana yami.

“Umama ube esebiza indodana yami, yathi ingena nje emnyango wasekhishini, lo wesilisa wadedela inhlamvu, indodana yami yadubuleka ethangeni,” kuchaza uMthethwa.

Uthi okumphatha kabi ukuthi “inkabi” ayibange isabona ukuthi yingane le eyidubulayo futhi kuyacaca ukuthi ayimazi.

“Ngisaba ukuthi laba bantu basazobuya bezoqedela umsebenzi ngoba nakhu mina ngiyaphila,” kusho uMthethwa obezwakala ukuthi usathukile futhi ukhathazekile.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseSipingo, aphenya icala lokuzama ukubulala.

“Owesilisa ona 17, udutshulwe ngumsolwa ongaziwa ethangeni lwesokunxele nasesandleni, waphuthunyiswa esibhedlela ngalolo suku ukuze athole usizo,” kusho uCapt Gwala.