AMATEKELA akwaZuluish akhiwa uMnuz Yandisa Zulu. Isithombe: SITHUNYELWE
USOMABHIZINISI waseMgungundlovu uthi kufezeke iphupho lakhe leminyaka njengoba ethule umkhiqizo wakhe wokuqala ngaphansi kwenkampani yakhe, iZuluish Automation, ngempelasonto.
UMnuz Yandisa Zulu (32), owethule iketela elibhalwe ukuthi Zuluish, uthi kumthathe iminyaka ukuze abone leli phupho lakhe lifezeka.
“Kungithathe iminyaka emithathu ukwenza ucwaningo ngokwakha iketela elizokwazi ukonga ugesi futhi elizokwazi ukuthi lithengwe ngabantu bakithi,” kusho uZulu.
Uthe leli ketela lakhe lihlukile ngoba lithatha imizuzu emihlanu ukuthi libile kanti amaketela ajwayelekile athatha imizuzu eyisikhombisa ukuthi amanzi ashise.
“Leli ketela longa ugesi ngamaphesenti awu-60 kuya kwangu-70. Ngenze isiqiniseko ukuthi alihazi libange umsindo njengalawa amanye, okunye ukuthi emva kwemizuzu ewu-30 amanzi akho uwathola esashisa. Asikho isidingo sokuthi uphinde uwashisise amanzi akho etiye uma uphazamisekile ngenkathi esanda kubila,” kuchaza uZulu.
Eqhuba, uthe iketela lakhe liwu-2, 5litre.
“Ngenkathi ngikhula besingenayo i-geyser ekhaya. Amanzi okugeza besiwabeka ngeketela kodwa bekudinga ukuthi ugeze ngamaketela amabili ukuze uthole amanzi ashisayo kahle. Leli engilakhile, amanzi ungawabeka kanye ngoba likhulu,” kulandisa uZulu.
Uthe ufisa inkampani yakhe idlondlobale ize igcine seyakha ama-fridge.
Uthe: “Ngiyafisa ukuthi ngandise namathuba omsebenzi abantu bakithi bangalambi kodwa okwamanje ngisafisa ukuthi ngithole uxhaso lwemali ukuze ibhizinisi liqhubeke.”