Izindaba

Isexwayiso ngamakhemikhali ayingozi eThekwini

Nomonde Zondi|Published

IZICISHAMLILO ngenkathi zicisha umlilo efemini, iResins, namhlanje ekuseni Isithombe: Bongani Mbatha /African News Agency (ANA)

UMASIPALA weTheku uxwayisa abahlala kuleli dolobha ngentuthu enamakhemikhali ayingozi emva kokuba kushe ifemu, iResins eseningizimu yaleli dolobha emgwaqweni, uBalfour, namhlanje ekuseni.

IZICISHAMLILO ngenkathi zicisha umlilo efemini, iResins, namhlanje ekuseni Isithombe: Bongani Mbatha /African News Agency (ANA)

Kuthiwa abantu abahlala eMerebank naseWentworth mabahlale bevale iminyango namawindi, kuthi lapho kunama-ventilator khona bavale ngezindwangu ezimanzi.

Okhulumela uMasipala weTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe: “Ngenxa yomoya onamandla kungenzeka iBluff, Montclair, Mobeni neClairwood bathinteke nabo, kumele bahlale bezivalele ezindlini zabo, bame kancane ukuphumela emnyango.”

Uthe bayazama ukunqanda umlilo kodwa kunentuthu eyingozi ephuma kule femu kanti isimo sizoqashwa ngeso lokhozi.

“Umphakathi uzokwaziswa uma kukhona okunye okuqhubekayo,” kuchaza uMayisela.

Okhulumela i-Advanced Life Support (ALS) Paramedics, uMnuz Rowan Scandroglio, utshele i-IOL ukuthi imbangela yalo mlilo ayikaziwa futhi akekho olimele.

IZICISHAMLILO ngenkathi zicisha umlilo efemini, iResins, namhlanje ekuseni. Isithombe: Bongani Mbatha /African News Agency (ANA)