Isithombe: Lebohang Mashiloane
INHLANGANO efundisa amantombazane ngamalungelo awo iSoul City Institute, ifuna kudalulwe ukuthi ngobani oyise bezingane ezizalwe amantombazane aneminyaka esuka-10 kuya ku-14 eGauteng.
Le nhlangano isho kanje emuva kombiko oshaqisayo odalule ukuthi kunamantombazane angu-23 000 asemancane, okuthiwa akhulelwe ngonyaka owodwa eGauteng.
UMnyango wezeMpilo eGauteng ngoLwesibili wethule umbiko oshaqisayo, uveza ukuthi kulesi sifundazwe kukhulelwe izingane zamantombazane awu-23 000 aneminyaka ephakathi kuka-10 kuya ku-19
UNgqongqoshe wezeMpilo eGauteng uNkk Nomathemba Mokgethi kulo mbiko, uthe kusolakala ukuthi amantombazane akhulelwe phakathi kuka-Ephreli nyakenye noMashi nonyaka.
Lo mbiko uveza ukuthi onina bezingane ezingu-934 ezibelethelwe ezikhungweni zezempilo ezehlukene kulesi sifundazwe, baneminyaka ephakathi kuka-10 kuya ku-14, abezingane ezingu-19 000 amantombazane aneminyaka ephakathi kuka-15 no19.
Uphinde uveze nokuthi kunamantombazane abalelwa ku-2 976 aneminyaka ephakathi kuka-10 kuya ku-19 abekhulelwe kepha azikhipha izisu.
Isikhulu senhlangano uNksz Phinah Kodisang, uthe akwethusi okuvezwe wumbiko ngoba inkinga yokukhulelwa kwamantombazane amancane yinto esekunesikhathi ikhona kuleli, ukuhlasela kweCovid-19 akukhona okwenze lokhu. Kungenzeka kunyuse isibalo.
Uqhube wathi: “Sizwile ukuthi ongqongqoshe bathe basazohlangana kucutshungulwe kahle umbiko kodwa sifisa ukuthi kuvezwe ngokushesha ukuthi ngobani oyise balezi zingane? Ngabe amadoda amadala noma ontanga ngoba ngokujwayelekile kuye kube ngamadoda amadala. Uma la mantombazane abethandana namadoda amadala ngabe avuliwe yini amacala okudlwengulwa? ”
UNkk Mokgethi uthe ngesikhathi beqoqa imininingwane ngomama abazange babheke ukuthi oyise bezingane baneminyaka emingaki.
"Asizange siyiqoqe imininingwane yokuthi ngabe lamantombazane adlwenguliwe yini njengomnyango wezempilo. Amacala avulwa emaphoyiseni kube yiwo abopha abantu uma kunobufakazi thina sibheka isayidi lezempilo," kuchaza uNkk Mokgethi.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo eyisiSekelo kuleli, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe inkinga evezwe yilo mbiko ibhekene neNingizimu Afrika yonke. Uthe uMnyango kade wayibona waze wethula izifundo ezithinta ukuya ocansini kubafundi basemabangeni aphansi, owasusa umsindo kuthiwa bafundisa izingane ngocansi.
UMnuz Marumo Sekgodela weSave Children SA, uthe ngokombiko kunamantombazane akhulelwe aneminyaka ewu-10 lokho kusho ukuthi abazali kumele basheshe baqale ukukhuluma nezingane ngezindaba ezithinta ukuya ocansini.
" Alukho ulwazi olungcono kunalolo ingane eluthola kumzali wayo, ngakho abazali kumele baqale ngokushesha ukukhuluma nezingane ngezinto ezithinta ucansi. Amaqhuma-mponjwana uma eye emitholampilo kumele emukelwe kahle angehlulelwa," kusho uSekgodela.