Izindaba

Ifunelwa esinye isikole ingane “edlwengulwe” esikoleni

African News Agency|Published

UMZALI wengane eneminyaka eyisithupha okuvele izinsolo zokuthi idlwengulwe esikoleni iKhensani Primary eSoshanguve, ekuqaleni kwenyanga, uveze ukuthi ufuna iyiswe kwesinye isikole ukuze iphephe.

Intombazane efunda uGrade 1, yadlwengulwa umsebenzi walesi sikole ethoyilethi ngo-Agasti 2.

Lesi sigameko sishiye abazali bezingane ezifunda kulesi sikole bekhathazeke ngokuphepha kwezingane zabo.

Abanye abazali kuthiwa baze basabisa ngokuthi bazosivala isikole ngoba banovalo ngokuphepha kwezingane zabo esikoleni.

Unina womfundi uthe ucela kuNgqongqoshe wezeMfundo uMnuz Panyaza Lesufi, ukuba kususwe ingane yakhe esikoleni, ngesikhathi uNgqongqoshe evakashele umndeni womfundi.

Abazali basabhekela ingane isikole esisha.

“Njengomzali wengane sifuna kuba sithole esinye isikole kodwa osonhlalakahle abasilekelele,” kusho umzali.

Abazali bakhale nangokuhamba kancane kophenyo kulolu daba.

Okhulumela amaphoyisa aseGauteng uCaptain Kay Makhubele, uthe akekho osaboshiwe okwamanje.

UMnuz Patrick Skhumbana, weSADTU, uthe basaqoqa ulwazi ngokwenzeka.

Uthe bazokhipha isitatimende maduze.