FIKILE Mbalula
ISIKHONZI sigasele emahhovisi oMnyango wezokuThutha ngeledlule kwadliwa izimpahla okubalwa kuzona amakhompyutha asetshenziswa uNgqongqoshe woMnyango, uMnuz Fikile Mbalula, nePhini lakhe uDikeledi Magadzi.
Lokhu kuthiwa kwenzeke ngenxa yemali umnyango ongayikhokhanga.
AbePretoria News, bathole ukuthi ukudliwa kwalezi zimpahla kuhlobene nokungakhokhi imali umnyango oyikweleta abeRoad Accident Fund (RAF).
Ukudliwa kwale mpahla kulandela isinqumo seNkantolo yaseGauteng, eyachitha isicelo seRAF ngoJulayi 28 eyayisibhekise kubameli i-Ehlers Attorneys.
Okhulumela uMbalula, uMnuz Lawrence Venkile, uthe kube nesinqumo esilahle umnyango yize bona bebengeyona ingxenye yombango phakathi kweRAF nenkampani yabameli ababemele abantu abalimala ezingozini.
NgoLwesihlanu kuthiwa kube nesixakaxaka isikhonzi sitheleka sithatha amakhompyutha, ama-laptop,ama-friji, amathelevishini angama-flatscreen nokunye.
UVenkile uthe phakathi kwezinto ezithathiwe kubalwa: “Ikhompyutha ehhovisi likangqongqoshe nePhini lakhe,”
Uthe ukuthathwa kwalezi zinto kuzophazamisa ukulethela umphakathi intuthuko.
“Abasebenzi abasebenzela emakhaya bona ngeke bephazamiseke kakhulu,” kusho yena.
Kuthiwa ukudliwa kwempahla kuqale ngoLwesine, abanye abasebenzi kuthiwa bebenqaba ukunikeza izikhonzi impahla abasebenza ngayo.
UVenkile uthe uMnyango awuhlangene nje ne-Ehlers Attorneys.
Uthe inkampani okuyiyona ebafake ekudliweni kwempahla yi- Malao Attorneys Inc.
UMbalula kuvele ukuthi ushaqekile ngokwenzekile kugasela izikhonzi.
Ube esebhalela umqondisi jikelele womnyango u-Alec Moemi ukuba bemnike umbiko ogcwele ukuthi ngabe kukhona yini obe budedengu okuholele ekutheni inkantolo inqume ukudliwa kwempahla.
UMbalula uthe kuzoba nezinyathelo ngalolu daba, nokuqinisekisa ukuthi akuphazamiseki intuthuko.
Okhulumela iRAF UWilliam Maphutha, akazange aphendule imibuzo ngenkampani yabameli i-Ehlers Attorneys, nokuthathwa kwezimpahla zoMnyango, uthe nje isitatimende esikhishwe uMbalula sichaza konke.
Ngokwesinqumo senkantolo sangoJulayi 28, abe-RAF bahlulekile ukukhokhela abameli be-Ehlers Attorneys, u-R89 844 054, nemali yentela engu- R15 400 854 ebe yizindleko zabameli be-Ehlers Attorneys kusukela ngo-Ephreli 30 nonyaka.
Kwenzeka lokhu nje abe-RAF kwavela embikweni ngoMashi 1, 2021, ukuthi kukhona imali engu-R3.2 billion esikhwameni sabo esalile.
Isikhozi uMnuz Chris Jacobus, sithe ngeke siphawule asivumelekile ukukhuluma nabezindaba. Ukuphawula kwabameli be- Ehlers Attorneys akubanga yimpumelelo.