IBHASI ekushone kulo abangu-27
KUKHALWA ngobubi bomgwaqo ekushone kuwo abangu abangu-28 engozini yebhasi ku-N2 phakathi kwe-London neButterworth e-Eastern Cape ngoMsombuluko ntambama.
KUKHALWA ngobubi bomgwaqo ekushone kuwo abangu abangu-28 engozini yebhasi ku-N2 phakathi kwe-London neButterworth e-Eastern Cape ngoMsombuluko ntambama.
Ngokusho kokhulumela uMnyango wezokuThutha e-E.C uMnuz Unathi Binqose, uthe umshayeli uphunyukwe ibhasi eKei Cuttings site, eduze kwase-Kei Bridge.
Kulengozi kuvele ukuthi kushone nomshayeli webhasi.
Abantu ezinkundleni zokuxhumana uFacebook bebekhala ngomgwaqo ekuthiwa unamajika, nobungozi.
UHappiness Motsounyan uthe: “Kubi ngampela kulezi zinsuku, nami ngisanda kuhamba khona ngisuka eSouth Coast. Ngiphume phakathi kwamaloli amabili, ngingazi sekumele ngenzenjani. Kubi Nkululunkulu siyacela angenelele kulesi simo salo mgwaqo nezingozi,”
UThulani Ngizo Ngubane uthe:“Kodwa mubi lowamgwaqo awulifuni ijubane ikakhulukazi uma ulayishile,”
Ngokusho koMnyango wezokuThutha ibhasi belisanda kuthatha abagibeli abaya eKapa ngesikhathi liba nengozi.
Abanye abagibeli bavaleleke ngaphansi ebhasini, abanye bevaleleke ngaphakathi .
Ibhasi kuthiwa likhalakatheke endaweni eyintamba engango-200m.
Abezicimamlilo, abatakuli nabezimo eziphuthumayo basebenze amahora amaningi betakula abalimele nabashonile.
Umshayeli webhasi nengane encane kuvele ukuthi babe ngabanye bokuqala abayisithupha ekuvele ukuthi bashonile.
Lo mgwaqo ophakathi kwe-Komka ne- Butterworth, odlule ku-N2 waziwa ngokuba nezingozi ezinyantisayo.
Lo mgwaqo kuthiwa unamakhona namajika angu-31, ayibanga elingu-11.8km, nanyukela cishe u-422m. Izingozi eziningi kulendawo kukhalwa ngokuphela kwamabhuleki ezimotweni.