Izindaba

AbakwaShembe bamangalela inkosi yamaQadi

Thokozani Ndlovu|Published

INKOSI yamaQadi, uMqoqi Ngcobo emangalelwa ngamaNazaretha ayisola ngokuthi ayiziphathanga njengenkosi yesizwe ngokumemezela umholi kungafanele Isithombe: SIGCINIWE

INGASE ibe sobishini inkosi yamaQadi, uMqoqi Ngcobo, uma itholakala inecala njengoba isimangalelwe kuMvikeli woMphakathi yibandla lamaNazaretha aseBuhleni, aholwa nguPhinda Shembe, uKukhanyakwelanga.

Okhulumela uKukhanyakwelanga uMnuz Nkululeko Mthethwa, uthe sebebhalele ihhovisi loMvikeli woMphakathi KwaZulu-Natal, becela ukuthi liphenye ngokuziphatha kwenkosi yamaQadi eyamemezela uNyazilwezulu njengomholi webandla kungafanele ngo-Ephreli 3, 2011, ngesikhathi kutshalwa uThingolwenkosazana.

Isolezwe ngeSonto linayo ikhophi yencwadi ebhalelwe ihhovisi loMvikeli woMphakathi ngoLwesithathu.

Encwadini uMthethwa ucela ukuthi ihhovisi loMvikeli woMphakathi lenze uphenyo bese likhipha izincomo ngokuziphatha kwenkosi yamaQadi. Uthe isenzo sayo simbeka ebunzimeni umholi webandla lamaNazaretha osesihlalweni ngokomthetho, njengoba engamukelekile ezindaweni ezingaphansi kobuholi beQadi.

Uveza nokuthi nangesikhathi kusaqhubeka icala iQadi lagqamisa ukuthi ngeke limamukele omunye umholi endaweni yalo ngaphandle koNyazilwezulu. Lokho uthe kwenza kube nzima ngoba ikomkhulu lebandla okuyiseBuhleni, lisemaQadini okuyindawo engaphansi kwenkosi uNgcobo.

“Isenzo senkosi yamaQadi sokumemezela umholi kungafanele yisona esahlukanisa ibandla. Ibandla lamaNazaretha lizithola likulesi simo namuhla kungenxa yenkosi yamaQadi. Kunemindeni engasangenelani, kwaphela nemishado ngenxa yesenzo senkosi yamaQadi. Kumanje simatasa nokubhalela inkantolo ngenhloso yokuthi kukhishwe uNyazi eBuhleni, njengoba lungaseyena umholi wamaNazaretha ngemva kokuchithwa yinkantolo. Okwenza kube nobunzima kakhulu ukuthi ngisho nayo inkosi yesizwe samaQadi isafukamele umholi ongafanele endaweni yayo,” kusho uMthethwa.

Kuthintwa inkosi yamaQadi, ithe ibingakaziswa ngesinyathelo sebandla lamaNazaretha.

“Ayikho nencwadi esengithunyelelwe yona echaza ngalesi simo. Ngibalindele ukuthi bazokwethula isikhalo sabo. Njengenkosi yesizwe kumele ngilalele wonke umuntu onesikhalo ngento ethile. Ofuna ukukhuluma nami wamukelekile futhi kumele ngiluxazulule udaba lwabo njengenkosi yesizwe. Anginankinga nencane ngizozwa ngabo futhi ngizohlala ngibalindele,” kusho inkosi yamaQadi, uNgcobo.

UMthethwa uthe isinyathelo sabo sokusukumela isenzo seQadi kungenxa yobufakazi bayo njengoba yathi ukumemezela kwayo umholi ikwenza njengomholi wesizwe, ayinikwanga ngumuntu ilungelo lokwenza kanjalo. Uthe bakholwa wukuthi njengenkosi yesizwe kwakungamele igxambukele ezindabeni zebandla nokuyinto eyagqugquzela ukuxabana kwabantu esizweni sayo.