IBOSHWA unina wengane inyanga edume ngempilo ephambili ezinkundleni zokuxhumana Isithombe: SIGCINIWE
USEKHETHE ukuthatha izinyathelo zomthetho unina wengane yenyanga yodumo lwempilo ephambili ezinkundleni zokuxhumana nesematheni, kulandela ukuthi yehluleka ukondla ingane yayo.
Lo wesifazane ongunina wendodana (5) yale nyanga ukhala ngesimo esinzima abhekene naso sokondla ingane yedwa nokwenza abophe uyise. NgoJulayi 30, le nyanga ithole amaphepha ayibizela enkantolo ngo-Agasti 23 ngecala lesondlo. Echaza unina wengane, uthe uthando lwabo lwaluvutha amalangabi ngo-2014 betholana eVerulam inyanga isasebenza esitolo sosofa.
"Sathandana kwakuhle kwaze kwaba uyangihlupha ngokuqonywa. Saxabana ngoba wayeseqonywa. Ngamala kanti sengikhulelwe, wayiphika ingane. Wabuye wayivuma isinezinyanga ezingu-9. Ubeseyondla ifunda esikoleni sika-R28 000 ino-“malume” ka-R3000, wayihlawula. Emuva kwalokho wafuna ukuyithatha ibize isibongo sakhe. Nganqaba ngathi akakhulume nabadala agcine isiko. Wayiduba ingane wangayondla," kusho lo wesifazane.
Le nyanga ithe inkinga yayo wukuthi ayizimisele ukubuyelana nalo wesifazane, nokuyinto ayifisayo esebenzisa ingane. Uveze ukuthi indodana yakhe uyayithanda futhi uzimisele ukulwa aze ayithole.
"Ingane bengiyifundisa ngikhokha R6000 ngenyanga noR3000 we-uber. Uyekise ingane isikole umshayeli wafuna imali yakhe. Uqale wangilwisa ngenhlawulo, ngakhokha ngisho sebenyuse imali kwesasivumelene ngayo. Ngithe uma ngicela ibize isibongo sami walwa ngayo kodwa unezingane ezine kobaba abahlukene abangahlawulile," kusho le nyanga.
Ichaza inyanga mayelana nemali yemoto, ithe unina wengane wayeyidla ebumnandini wathenga nemoto engekho kuFacebook ngo-R10 000.
"Wayedla uqo mina ngingaphuzi tshwala. Namanje usadakwa ngike ngabizwa ingane seyishile ngayobika nakosonhlalakahle. Konke lokhu ukwenza ngenhloso yokudicilela igama lami phansi, kodwa ngiyajabula ngoba usengifake enkantolo sengizokwazi ukuzikhulumela," kusho inyanga.
Ephetha, uthe unofakazi kukhona konke okwenzekayo ngoba nodadewabo walo wesifazane uyaxhumana naye. Le nyanga ibe seyidlala umbiko oqoshiwe ekhuluma naye ngalolu daba.