Izindaba

Banemibuzo ngoMabuza

African News Agency|Published

IPHINI likaMengameli uMnuz David Mabuza kuthiwa uzobuya uma eseluleme ngokuphelele Isithombe: ANA/Motshwari Mofokeng

IHHOVISI lePhini likaMengameli uMnuz David Mabuza,liqinisekise ukuthi usalashwa eRussia, lathi uzobuyela kuleli uma eselashiwe.

Ngokwemibiko bekuvele ukuthi uzobuya ngoLwesithathu (namhlanje)

UMabuza waya eRussia eyokwelashwa kusukela ngoJuni nonyaka.

Ihhovisi lakhe ngaleso sikhathi lathi uzobuya maduze, kodwa namanje akakabuyi.

UMengameli uCyril Ramaphosa naye usolwa ngokuthi unezimfihlo ngalolu daba, akaphumeli obala.

Okhulumela ihhovisi likaMabuza uMnuz Matshepo Seedat, uthe: “Abantu bakuleli kumele babekezele, iPhini likaMengameli lenza kahle, uzobuya uma ikhefu lokwelashwa kwakhe seliphelile.”

Esitatimendeni ihhovisi likaRamaphosa lathi uMabuza wacela ukuthatha ikhefu lokuyolashwa.

Isitatimende sathi welashwa eRussia, njengoba engaphilile.

UMabuza wake waya eRussia phambilini eyokwelashwa.

Umhlaziyi wezepolitiki ozimele u-Dkt. Ralph Mathekga uthe okukhathaza abantu bakuleli ukufihla ngokwelashwa kwakhe.

Uthe wonke umuntu usebumnyameni, akwaziwa ukuthi kwenzekani.

Nabamaqembu aphikisayo kuthiwa bayabuza ukuthi kwenzekani ngePhini likaMengameli bafuna izimpendulo.