IZIBHAMU ezithathu ezitholakale kosolwa ngokuzama ukubulala eMpumalanga Isithombe: Sithunyelwe
UVELE izolo eNkantolo yeMantshi eMpumalanga umsolwa oneminyaka engu-57 osolwa ngecala lokuzama ukubulala
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe ngoLwesithathu amaphoyisa aseMpumalanga, athole umbiko ngesigameko zokuzama ukubulala.
Kuthiwa ithimba lamaphoyisa lilibangise e-Upper Sankontshe, lapho lithole khona umsolwa esendlini. Ngesikhathi eboshwa umsolwa utholwe nezibhamu ezintathu ezingekho emthethweni, nezinhlamvu ezingu 12. Ube eseboshwa, wabekwa icala lokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni nezinhlamvu. Kanti ubuye wabekwa necala lokuzama ukubulala.
Lo mlisa uboshwa nje, ngoJulayi 9 eSankontshe, eMpumalanga amadoda amabili kuthiwa ayehamba ngemoto ngesikhathi umsolwa owaziwayo, ewadubula. Umlisa oneminyaka engu-49 walimala kwathi umngani wakhe ayehamba naye waphuma engenamyocu. Umgilwa waphuthunyiswa esibhedlela ukuze athole usizo lwezempilo. Kwabe sekuvulwa icala ngoLwesithathu. UCapt Gwala uthe umsolwa uvele izolo enkantolo.