Izindaba

Udilikajele kowadlwengula phambi kwezingane

BAWINILE NGCOBO|Published

UGWETSHWE udilikajele neminyaka emine umlisa olahlwe ngecala lokudlwengula.

INkantolo yesiFunda eMadadeni igwebe uSiphamandla Ntshingila (43) udilikajele neminyaka emine ngecala lokudlwengula owesifazane Osizweni ngo-2017.

Ubuye walahlwa ngecala lokugqekeza. Ngosuku lwesigameko, kuthiwa umgilwa wayelele emzini wakhe nezingane zakubo nengane yakhe encane ngesikhathi uNtshingila egqekeza.

Kuthiwa wamdlwengula izikhawu phambi kwezingane wabe esebaleka. Umgilwa kuthiwa akakwazanga ukukhomba umsolwa ngenxa yokuthi kuleli gumbi ayemdlwengulela kulo kwakumnyama kodwa wabika lolu daba emaphoyiseni kwabe sekuthathwa amasumpula olibofuze. Kwabe sekuhlolwa amasampula olibofuzo ayamanisa uNtshingila necala. Amasumpula kaNtshingila ayeseke athathwa ngaphambilini ebhekene nelinye icala. Wabe eseboshwa emuva kwenyanga egile umgilwa.

Ngesikhathi kuqhubeka icala, uNtshingila kuthiwa watshela inkantolo ukuthi babevumelene nomgilwa ngokuthi benze ucansi. UMshushisi u-Eddie Mbewu wakwazi ukuveza ubufakazi bokuthi uNtshingila uyathinteka ecaleni futhi wayengavumelene nomgilwa ukuthi benze ucansi. Esitatimendeni sikamgilwa, waveza ukuthi usenokwesaba kanti futhi akasakwazi ukulala yedwa ngenxa yesigameko esenzeka kuyena. Waveza ukuthi ukhathazekile ngokuthi leli cala lizoba namthelela muni ezinganeni zakwabo futhi uzizwa enamahloni. Uphiko lwezokushushisa iNPA isamukele lesi sigwebo nokuphothulwa kwaleli cala ngempumelelo.