KUZOTSHALWA amasosha eGauteng naKwaZulu-Natal njengoba kuqhubeka imibhikisho, kucekelwa phansi izakhiwo, abantu bezitapela izimpahla ezitolo Isithombe: Sigciniwe
UMNYANGO wezokuVikela kuleli uthi uzotshala amasosha KwaZulu-Natal naseGauteng ukuze alekelele amaphoyisa njengoba kunemibhikisho lapho abantu bebonakala khona becekela phansi impahla, bezitapela nasezitolo.
Ngokwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba, lo mnyango usuqale uhlelo lokutshala amasosha njengoba kube nesicelo esivela kwiNational Joint Operational and Intelligent Structure (Natjoints) ukuthi kuyolekelelwa amaphoyisa eGauteng naKwaZulu-Natal ukuze kunqandwe imibhikisho edlange kulezi zifundazwe. Amasosha azotshalwa uma nje kuphothulwa zonke izinhlelo zokutshalwa kwawo.
Isikhathi esizohlalwa ngamasosha nokuthi mangaki azotshalwa kuzocaciswa ukuthi abomthetho basibona sinjani isimo kulezi zindawo. Ngokwesitatimende, ukutshalwa kwamasosha kuzosiza ukuqinisekisa ezokuphepha kulabo abenza umsebenzi wabo njengoba kubalula umthethosisekelo.