PHILI MJOLI
ISIKHUNGO esibhekele izifo ezithelelanayo kuleli, iNational Institute for Communicable Diseases (NICD), sithi igciwane leCorona eselizishintshile, iLambda okuthiwa lisabalala ngokwedlulele alikafiki kuleli.
Lesi sikhungo sithi imiphumela yabahaqwa yileli gciwane iyacutshungulwa njalo kanti okwamanje akekho okuvela ukuthi useke wahlaselwa yileli gciwane.
"Umphakathi uzokwaziswa uma kwenzeka kuba noshintsho. Njengamanje asikho isidingo sokuthi sibe novalo nokuthi kusatshalaliswe imibiko engelona iqiniso. Okubalulekile ukuthi siqhubeke silandele imigomo yokunqanda ukusabalalisa leli gciwane," kusho iNICD esitatimendeni.
Leli gciwane laqala ukutholakala ePeru ezinyangeni eziyisishiyagalombili ezedlule, iWorld Health Organisation (WHO), njengamanje ibike ukuthi selisabalele emazweni angu-31 emhlabeni.
ENingizimu Afrika abantu abaningi abaneCovid-19 bahaqwe yiDelta eyaqale yatholakala e-India manje isisabalele emazweni angu-85 emhlabeni.
IWHO ithi iLambda isihaqe u81% wabantu ePeru osekwenze ukuthi lifakwe ohlwini lwamagciwane okumele aqashelwe.
Amagciwane ayingozi emhlabeni okwamanje, i-Alpha eyaqala ukutholakala e-UK, iBeta eyaqala ukutholakala kuleli, iGamma eyaqala ukutholakala eBrazil neDelta eyaqala ukutholakala e- India.
INICD ibike ukuthi abantu abasha abahaqwe yileli gciwane bangu-21 427 okuholele ekutheni izibalo zabahaqwe yileli gciwane zifinyelele ku-2 112 336. Abashonile esikhathini esifanayo bangu-411 okuholele ekutheni isibalo sabashonile senyukekele ku-63 039.