UMNUZ Malusi Gigaba izolo obe nenkulumo ekhethekile nezintatheli ze-Independent Media. Isithombe: Sihle Mavuso
SIHLE MAVUSO
EMUVA kweminyaka aphefumula kwiCNN owayengungqongqoshe weziMali noMnyango wezaseKhaya, uMnuz Malusi Gigaba, ngodaba lowayengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma lokuthi makenze okufanele, ugcine ephefumulile izolo ukuthi wayeqondeni.
Enkulumweni ekhethelekile nezintatheli ze-Independent Media, eThekwini ngoLwesibili, uthe ayekusho wabe esekuchazela uZuma eNkandla, emuva kwale nkulumo yakhe, ikakhulukazi njengoba abalandeli bakaZuma basola ukuthi lokhu kukhuluma kwakhe kwakufana nokukhuluma kabi ngomholi, ekubeni wambeka esikhundleni sokuba ngungqongqoshe weziMali phezu kokuba izimakethe zazifuna kuqhubeke uMnuz Pravin Gordhan.
UGigaba wasolwa ngokuthi lokhu wakwenza ezincengela kowayezongena ebe nguMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa, nakuba kwakucaca ukuthi uGigaba uzosuswa esikhundleni uma umbuso kaZuma uphela.
Ngesikhathi kuba nale nkulumo uZuma wayethwele kanzima, ephansi kwengcindezi. Iqembu lalimfuna ukuba asule kwesokuba ngumengameli.
Le nkulumo kaGigaba yezwakala sengathi uthi uZuma makenze okufanele, ngokuthi asule esikhundleni.
Ababengamuzwa kahle uGigaba ngo-2018, basebenzisa le nkulumo yakhe bemfakela ingcindezi ngoNovemba 2018, ukuthi makasule ekubeni ngungqongqoshe woMnyango wezaseKhaya, enze okufanele.
UGigaba ngokwakhe, uthi kwakungekhona ukukhaphela uZuma njengoba abanye babecabanga kanjalo.
Kule nkulumo noGigaba, osesebenza eLuthuli House njengomunye wabantu abahlela imigomo, ukhulume ngezinto eziningi.
Uthe ukhathazekile ngezinsolo ezenziwe asezohlukanisa naye umshado noNkk Nomachule Mngoma, ukuthi wasebenzisa amandla akhe ukumbophisa koKlebe.
Uthe oKlebe bathinteka kulolu daba ngoba babevele bephenya udaba.
Uthe uNksz Mngoma ngesikhathi elimaza iMercedes-Benz yomngani wakhe, uMnuz Pieterson Siyaya, oKlebe babizwa ngoba kwakuwudaba olubucayi.
UNksz Mngoma uthintiwe ngalolu daba, wathi uzobuye aphawule.