Izindaba

Usetholakele owesifazane 'othunjwe kudunwa imoto' yakhe eGoli

Mcebo Mpungose and Sihle Mlambo|Published

Owesifazane ozibiza ngoSimphiwe Manzini Mtimande kubikwa ukuthi usephepheli ezandleni zomndeni wakhe kualndela ukuthunjwa kudunwa imoto yakhe. Isithombe: Facebook

AMAPHOYISA aseqinisekise ukutholwa kowesifazane waseGauteng “othunjwe yizinswelaboya ngesikhathi ziduna imoto yakhe izolo ebusuku.”

Owesifazane ozibiza ngoSimphiwe Manzini Mntimande ubhale ekhasini lakhe kuFacebook izolo “evalelwe ebhuthini” ebika ngokusabela impilo yakhe kulandela ukudundwa kwemoto yakhe eMohlakeng.

“Sekudunwe imoto yami, ngisebhuthini bathathe iselula yami bezitshela ukuthi ngineyodwa...ngizonazisa ukuthi kwenzekani kuze kube ngiyafa,” kuloba lo wesifazane.

Ucele abanenombolo yakhe kuWhatsApp ukuthi balandeli i-live location yakhe (indawo akuyo ngqo) ukuze bezozama ukulandela umkhondo.

“Imoto isimile, sebebanga ukuthi ubani ozolala nami...” kuqhuba lo wesifazane. Ngaleso sikhathi abantu abebelandela lombhalo ngoLwesithathu ebusuku nasezintatha zangoLwesine ekuseni, bebelokhe belusabalalisa njalo ezinkundleni zokuxhumana lolu daba becela usizo nasemaphoyiseni. Kunabantu abasondelene naye nabo abebazisa abantu ngokwenzekayo.

Ngemuva kwesikhashana, uphinde wabhala uSimphiwe wathi uphethe isikele, uzozama ukuzivikela ngaso uma kukhona okwenzekayo.

Ngemuva kwamahora ebhale lokho, ubuye esozobonga abantu bakuleli ebazisa ukuthi usephephile.

“Ngiyabonga kakhulu ngemikhuleko yenu nokuzama ukulekelela ngitholwe. Sengiphephile kodwa ngisadinga ukuxhumana nomndeni wami kuqala. Ngeke ngisho ukuthi ngikuphi ngoba ngisasabela impilo yami...ngizonazisa maduze, okwamanje ngisadinga ukuphumula,” usho kanje.

Ngemuva kokufaka ivideo kuFacebook abaningi bebesashaya amakhala ngokuthi iphephe ngempela le ntokazi kwazise bathi amehlo ayo “awathembisi” futhi ukungaveli komunye umuntu kuyo kuyabasolisa. Oyedwa wabasondelene naye, uPalesa Radebe, ubhale ekhasini lakhe kuFacebook ukuthi usetholiwe okwangempela, unomzala wakhe.

Okhulumela amaphoyisa eGauteng uCaptain Mavela Masondo uthe okwamanje basaqoqa imininingwane ngalesi sehlo njengoba umgilwa esavula icala kwesinye seziteshi zamaphoyisa eSoweto. Uthe uSimphiwe ufike esiteshini samaphoyisa ngemoto yakhe. Amaphoyisa azokhipha eminye iminingwane ngalolu daba ngokuhamba kwesikhathi.