USEPHUMELE obala wamela isenzo sakhe owesilisa ozame ukuxosha izintatheli KwaKhangelamankengane, KwaNongoma, izolo ebusuku kulandela ukufundwa kwefa leNdlovukazi Shiyiwe Mantfombi Dlamini Zulu.
UMnuz Andile Hlatshwayo ubonwe yizwe lonke ezindabeni kuleli izolo ebusuku ezama ukuxosha izintatheli eNdlunkulu lapho bezimenywe khona nguNdunankulu kaZulu, Inkosi uMangosuthu Buthelezi, kwazise bekumenyezelwa Isilo esisha uMntwana uMisuzulu.
UHlatshwayo ubonakale ebhoka ngolaka exosha izintatheli ethi kuyihlazo ezinkwenzayo kulandela ukusuka komsindo emagcekeni asesigodlweni seSilo.
Ngemuva kwemizuzwana kade exosha izintatheli naye ubonakale esebanjwe ngesidlozana ekhishwa onogada.
Echaza ngesenzo sakhe izolo uHlatshwayo uthe ubengalwi nezintatheli.
“Bengingalwi nezintatheli futhi ngikhulumile nazo ngalokho izolo. Ngibachazelile ukuthi bekungafanele bashuthe izinto ebezenzeka eNdlunkulu. Akumele ube umuntu wesibongo ukuze uvike ihlazo elenzakalayo. Lokho kukhombisa ubuntu. Njengomuntu obeyingxenye yesigungu ebesiluleka, uNgangezwelakhe wasifundisa ukuthi iNkosi ayizilweli,” usho kanje.
Uthe uzoqhubeka asivikele isihlalo sobukhosi. Uthe akanendaba nokushiwo abantu ezinkundleni zokuxhumana ngoba abantu bayohlezi bekhuluma ngaphandle kokuqonda.