Izindaba

USisulu ucela kwemukelwe onjiniya baseCuba

Intatheli Yesolezwe ngeSonto|Published

UNGQONGQOSHE wezaManzi neNhlanzeko uNksz Lindiwe Sisulu uthi onjiniya baseCuba bazolekelela enkingeni yamanzi, kabezile kabi kuleli. Isithombe: Yandisa Monakali/DNS

UNGQONGQOSHE wezaManzi neNhlanzeko, uNksz Lindiwe Sisulu, unxusa abantu bakuleli ukuthi bamukele onjiniya baseCuba ngoba kabezile ukuzothatha imisebenzi yabantu kuleli kodwa bazolekelela odabeni lwamanzi.

USisulu uthi onjiniya bakhishwe yiCuba ukuba balekelele uhulumeni ozama ukusombulula indaba yokusweleka kwamanzi ezindaweni eziningi.

USisulu uphawula kanjena nje ngoba kunomsindo ngokulethwa konjiniya. Abantu bakuleli bathi kunenqwaba yezifundiswa eziduve emakhaya ezingasebenzi kuleli.

Onjiniya abalandiwe bazohlala iminyaka emithathu kuleli bezama ukusombulula inkinga. Okunye okukhalisa abantu wukuthi onjiniya bazohola itshe lemali ngesikhathi behleli kuleli.

Kuthiwa bazogxila komasipala, bavuselele ingqalasizinda. USisulu uthe banobudlelwano obude neCuba, basizana ezintweni eziningi bewuhulumeni wakuleli.

"Ikhona imali abazoyithola ngenyanga futhi nendawo yokuhlala ikhokhelwe yithi nakho konke okunye abakudingayo. Kakulona iqiniso ukuthi bazothatha imisebenzi yabantu bakuleli.“