OWAYEYIMEYA yeTheku, uNkk Zandile Gumede, ephahlwe abaholi be-ANC eThekwini ngenkathi ephuma eNkantolo yeMantshi ngecala elithinta ithenda yokuqoqwa kukadoti Isithombe: Motshwari Mofokeng /African News Agency (ANA)
OWAYEYIMEYA yeTheku obhekene noxhaxha lwamacala enkohlakalo, uNkk Zandile Gumede, uthi ukungena kwawo enkantolo kuzomnikeza ithuba lokuveza iqiniso.
UGumede uveze lokhu ngesikhathi ebonga abamesekayo, abaphume ngobuningi babo ngesikhathi evela eNkantolo yamaCala eMali eThekwini, ngoLwesibili. Usolwa ngamacala angu-2 786 nabanye abasolwa abawu-20 okubalwa kubo imenenja kaMasipala weTheku, uMnuz Sipho Nzuza, umkakhe uNkk Bagcinile Nzuza, nowayeyikhansela, uMnuz Mondli Mthembu.
Amacala ababhekene nawo ahlobene nokukhwatshaniswa kwethenda yokuqoqwa kukadoti kaR430 million ngo-2016/17.
“Ngicela ukubonga bonke abangesekile kulolu hambo olunzima. Ngiyazi futhi ngiyaqonda ukuthi kunzima kanjani ukukholwa ukuthi umuntu umsulwa, ikakhulukazi uma ehamba izinkantolo, kodwa ukungeseka kwenu kungijabulisile ngezindlela eziningi,” kusho uGumede ngoLwesine ekuseni.
“Sesifike esigabeni esizosinika ithuba lokuveza ubufakazi bethu. Iqiniso selizothola ithuba. Njengoba kuhlale kushiwo kuthiwa 'iqiniso lifa kuqala impini' - okuyinto esesiyibonile yenzeka kuleli cala. Amanga ngeke afike ndawo.”
Imantshi, uDawn Soomaro, ilidlulisele eNkantolo eNkulu eThekwini icala okulindeleke abasolwa bavele kuyo ngoJuni 14 nonyaka ukuze kwenziwe izendlalelo zokuqulwa kwecala.
UGumede uphinde wagquqguzela ubumbano kwi-ANC, ethi le nhlangano kumele isichithe isiphakamiso sikahulumeni ophethwe ngokubambisana kwamaqembu ezepolitiki ahlukene.
Lokhu ukusho ngemuva kombono womholi weDA uMnuz John Steenhuisen othe bangabambisana ne-ANC ekuphatheni izwe ngemuva kokhetho luka-2024, uma le nhlangano iyobe isaholwa ngumengameli Cyril Ramaphosa.