INHLANGANO elwela amalungelo abantu iBlack Sash, ithi bekungakuhle uhulumeni asheshise izinhlelo zokuholela abangasebenzi isibonelelo sabo unomphela ukuze alwe nendlala.
I-Black Sash ithe ukugujwa kosuku lwamalungelo abantu obelungoMsombuluko kufanele kukhumbuze uhulumeni ukuthi asheshise ngezinhlelo zokubonelela abangasebenzi.
I-Black Sash ibalule ukuthi imisebenzi ayikho kwazise ngonyaka odlule bawu-1.4 million abadiliziwe emuva kokuqubuka kweCovid-19.
“Sifuna uNgqongqoshe weziMali abone ukuthi imali uyithathaphi ukuze akwazi ukunika abantu abaneminyaka ewu-18 kuya ku-59 isibonelelo sabangasebenzi. Siyayiseka nemizamo kaNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uNkk Lindiwe Zulu, yokuphakamisa ukuthi singapheli isibonelelo sabangasebenzi. Sidinga uhulumeni asheshise imithetho ezoqinisekisa ukuthi abangasebenzi bathola isibonelelo sabo,” kusho uNkk Hoodah Abrahams-Fayker weBlack Sash.
Uthe badinga ukuthi isibonelelo sabangasebenzi esiholwa njengamanje sinyuswe ngoba uR350 mncane.
“Ucwaningo luveza ukuthi abampofu baphila ngoR585 ngenyanga. Besifisa ukuthi uma isibonelelo sabangasebenzi sesiholwa unomphela sibe wuR1 268. Sifisa nomama abaholela izingane iqolo bakwazi ukuthola isibonelelo,” kusho uNkk Abrahams-Fayker.
Ucele abafuna ukuthi kube nesibonelelo sabangasebenzi ukuthi basayine i-petition yabo etholakala ku-Amandla.mobi