Izindaba

UMnyango uchitha imibiko ngojele wevideo yodumo

Se-Anne Rall|Published

IVIDEO yocansi phakathi kukajele nesiboshwa esisabalele. Isithombe: Screenshot

UMNYANGO wezokuHlunyeleliswa kweziMilo KwaZulu-Natal usuphumele obala wayichitha imibiko yokuthi usezibulele ujele waseNcome Correctional Centre, obonakala ezitika ngocansi nesiboshwa kwivideo egcwele ezinkundleni zokuxhumana.

Izindaba zokuzibulala kwalo jele wesifazane ziqale ukusabalala ngenxa ye-screenshot esikhombisa ingxoxo yabathile kuWhatsApp oyedwa wabo ethi usezibulele.

Ngaphandle kokuzibulala, abanye baphinde bahubhuza amanga bethi empeleni bashadile ujele nesiboshwa.

“Akulona iqiniso ukuthi isiboshwa nojele bashadile,” kusho okhulumela lo Mnyango uMnuz Singabakho Nxumalo.

Ukuchithile nokuthi lo wesifazane usezibulele. Uthe okwamanje ujele usamisiwe emsebenzini kanti usazoqondiswa ubugwegwe.

Ekhuluma namhlanje ekuseni uNxumalo uthe ibahlazile le video bewuMnyango futhi abahambisani nezenzo zocansi phakathi kwabasebenzi neziboshwa.