IVIDEO yocansi phakathi kukajele nesiboshwa esisabalele. Isithombe: Screenshot
UMNYANGO wezokuHlunyeleliswa kweziMilo KwaZulu-Natal usuzwakalise ukuphoxeka kulandela ukusabalala kwevideo yocansi phakathi kukajele wesifazane nesiboshwa esigcwele ezinkundleni zokuxhumana okubalwa kuzo noWhatsApp.
“Ivideo eshaqisayo yocansi phakathi kukajele nesiboshwa saseNcome Correctional Centre, KwaZulu-Natal iyasiphoxa futhi iyasihlaza njengomnyango,” kusho okhulumela umnyango uMnuz Singabakho Nxumalo.
“Izenzo zocansi phakathi kojele neziboshwa ziyihlazo futhi akumele abasebenzi bethu bazibandakanye kuzo.”
UNxumalo uthe ujele othintekayo uzothathelwa izinyathelo aqondiswe ubugwegwe. Uthe nesiboshwa sizothathelwa izinyathelo ngalokhu.
“Abasebenzi bezokuhlunyeleliswa kwezimilo kulindeleke ukuba balandele imigomo yokuziphatha, ucansi nesiboshwa yisenzo esinyanyekayo futhi esingeke simelwe,” kuqhuba yena.
UMnnyango ucele abantu ukuthi bayeke ukusabalalisa le-video ezinkundleni zokuxhumana.
Bephawula ngale video abanye abantu baveze ukuthi kungenzeka ukuthi yisiboshwa esiyipotshozile ngoba sifuna okuthile kujele.
Kwenzeka lesi sigameko nje umnyango usanda kumemezela ukuthi abanye ojele sebezofaka ama-camera emzimbeni ukwehlisa izigameko ezingekho emthethweni ezenzeka emajele.